Umdumo wezintombi zakwashabalala, uyangena kwizikhafulo, uyangena kumuthi wokuthandeka. Uyangena kwigobongo Kanye nemithi eminingi ephathelene nedlozi. Uyangena kwisigubhu sokudonsa imali. Kwabasanda kuthwasa uyangena emithini yokudonsa amathwasa. Umuthi womsebenzi, umuthi wesikhundla. Umdumo uyangena lapho ufuna ukuphakama, waziwe, udume uyawufaka emithini eyenza lokho.
Umdumo umuthi uyaphalaza ngawo uhlangene neminye imithi efana nomhlonishwa ukuze uthole isikhundla emsebenzini.
Umdumo uyahlanganiswa neminye imithi efana negobandlovu kanye nemikhando ukwakha isikhafulo esiphephethwayo
kanye esikhafulo esifakwa ulwandle, lesikhafulo kuba isikhafulo esingabuyi silambatha.
Umdumo wazo uyangena emithini yokuthandeka.
Umdumo wezintombi zakwashabalala uyangena emithini ye business yokudonsa ama customers kanye nakwisibunge umdumo uyangena.
Mdumo wazo udonsa amathwasa kulaba abasathanda kuthwasisa
Umdumo uses wenzani
- Isikhafulo
- Umuthi we business
- Umuthi wokuthandeka nesikhundla
umdumawazo induku esusa amathunzi ibivula inhlanhla nogazi uma uzoyiphalaza ugeze ibanda 3 to 5 days.
Umuthi wokuhlola
umuthi wokubhula wezangoma ezadla imbumba noma kulabo abasanda kuthwasiswa akukavumi kahle ubhule,
Igobongo leli lokuhlola lisebenzisa umdumo wazo lona esixoxa ngawo.
Umuthi wokuthandeka bajike nawe
umuthi wogazi bajike nawe yonke indawo lawuqhamuka khona.
Isibunge se business
Isibunge esithakiwe, ake sithake umuthi wokudonsa amabantu
kwi business lakho noma ngabe wuhloboni lwe business.
Hlanganisa lemithi elandelayo wenze isibunge sokudonsa abantu
kwi business lakho, esigodlweni, esontweni, kuzona zonke izinhlobo ze business.
Ukuphupha Umdumo umuthi
Amaphupho ngomuthi Umdumo,
kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi Umdumo?
Ukuphupha umuthi Umdumo ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi,
nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?
Nomkhosi
Ngibingelel ekhay ngcel kubuza Uma umunt ekuhlolel efonin yakh bese ethi kumel ugez shutha ithombe unqun uzithumel uzokwaz kukugeza
ngabe loyomunt usuke ezokusiza ngempel noma kanjni.
Admin uma ufuna usizo ngampela, uvuka ekuseni uye
kumuntu ohlolayo njengomuntu wesifazane awuhambi wedwa uma uya lapho ngoba izwe selonakala,
lena yomahlola emafonini angiyazi, mina kangihloli sidalo angeke ngabeka imithetho yokuthi
kuyahlolwa ephonini noma cha, kodwa lokhu okuxoxayo kubukeka kusolisa impela.
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |