ISHAQA umuthi wenzani

ISHAQA umuthi wenzani Uyangena emthini yokuqeda izinduna ebusweni. Uyangena emithini yasesivazane yoku servisa inkomo iphume iphunga ihlangane. Uyangena futhi emithini yokugeza inkomo ukuze ibe mnandi. Liyangena emithini yokopha unganqamuki.

Mngamanzi isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokulungisa idlozi, ukulungisa amanzi amanyama, ukuvula izinto ezivaliwe. Lomuthi uyangena futhi nasemithini engasile engeke siyibale ngoba yonke imithi engikhuluma ngayo kule video yimithi eyenza okuhle.
Alarm / itshe lomgodi isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uyaliphuza uma unamalonda, liyasetshenziswa abantu besifazane ukwenza inkomo ibe tight. Ufaka emithini wokwelapha stroke.
ITSHE LOMSIPHA isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Usetshenziswa emithini yokuchatha uma ungakhulelwa. Ufaka emithini wokwelapha stroke. Ufaka emithini yokupholisa izilonda ngaphakathi.
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke