Amanzi amile ayasebenza ukumisa izinto ezithile noma ukuqeda izimo ezithile, amanzi amile uyawasebenzisa ukuhlukanisa abantu abashadile, uma wenza umuthi wokubahlukanisa ufaka amanzi amile. Amanzi edamu ikakhulukazi awasetshenziswa emithini emihle.
Amanzi olwandle anamandla futhi ayasebenza ewodwa ekwenzeni izinto eziningi. Ayangena kakhulu kwizikhafulo. uyawafaka kumuthi ukuze ube namandla umuthi wakho.
Amanzi empophoma ayangena kakhulu emithini yokuzihlanza kanye nemithi emayelana namadlozi. Amanzi empophoma futhi ewodwa aba ngumuthi.
Amanzi emvula anamandla ikakhulukazi lamanzi emvula esuke ihambisana nokuduma kwezulu nemibani, lawomanzi anamandla kakhulu. amanzi emvula ayangena kwisikhafulo isikhathi esiningi kanye nakweminye imithi.
Amanzi esiphethu ayangena emithini eminingi.
Kuke kwenzeke itshe libe nembobo ngaphuzulu kulembobo bese kuhlala amanzi, noma idwala libe nendawo ehlala amanzi lamanzi ayangena emithini futhi.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |