UMphamephuce umuthi wenzani

UMphamephuce uyangena emthini yokuqonywa. Uyangena emthini wokuhloniswa nowesikhundla. Uyangena kwisibango, uyaphalaza, uyageza, uyafutha ngawo.

Umuthi wokususa izinduna ebusweni, izinduna ezinenkani, induku yokususa izinduna uhlanze ubuso bube kilini, noma ngabe izinduna zesichitho.

Qgula lemithi ihlangane, bese uthola itshe lomfula elibushelelezi emfuleni ohambayo netshe lasentabeni elirough. Gquma ngale mithi. Uphalaze ekuseni phezu kwala matshe bese uma uqeda uthathe leli olithathe entabeni ulise emfuleni ,leli olithathe emfuleni ulise entabeni. Ngenjathi amanzi eligeza itshe elirough emfuleni ingesikhathi ugezeka nawe ebusweni. Qikelela ukuthi ungakudli ukudla okunamafutha. Gquma ugeze uphalaze 5 days. Gxoba isiqunga uphalaze ngaso osukwini lwesithupha ngaphambi kokubuyela ekudleni okunamafutha.

Umeqo wokuthi akuthande umuntu wakho owakushiya, lona, uyaphalaza ubize igama lomuntu athi angeqa azizwe ekuthanda.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke