Mgogiwezinhlanya wenzani

Umgogiwezinhlanya umuthi uyangena emithini yokuthandeka, emithi ye business. Uyangena emithini yokucupha ngokocansi. Uyangena emithini emibi yokuthakatha, yokucupha, eyokuhlanyisa abantu.

Umuthi wokuhlanyisa umuntu

Umuthi wokuphithanisa umuntu ngekhanda okungaba umuntu osehlule lona okade ekugila Gaya kube yimpuphu uzokuhlanganisa lokhu bese wenza ngendlela oyalelwe ngayo wugobela wakho. 

Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?