Mathinta wenzani

Umathinta umuthi uyangena emithini yedliso, uyangena emithini yokwenza isicupho socansi. Uyangena emithini yokwenza amalumbo. Uyangena emthini wezitha.

Intele ebulala abathakathi nezitha

umuthi wezitha kanye nabathakathi egcekeni, ake sithake umathinta ebesifundawo ngawo sibulale kwasani. Intelezi lena esebenzisa izikhuni ezivuthayo. Umuzi wakho uzoba nesithunzi futhi. Kodwa uqedubuhlobo wona awucheli ngawo uwulahla emfuleni emva kokuchela.

Hlanganisa konke ukubilise ufake izikhuni ezimbili ezivuthayo kulomuthi uchele igceke lonke kodwa imbewu ka qedubuhlobo uyoyilahla emfuleni after uqedile ukuchela,lenduku ihlakaza izitha zeminyaka ibulala nomthakathi futhi ikhaya liyaqina libe nesthunzi lihlonipheke.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke