Ababuyisi benzani

Babuyisi umuthi benzani? Bayangena kwizikhafulo, bayangena emthini yokubuyisa okulahlekile, bayangena emthini yokubuyisa isikweletu.

Umuthi wokubuyisa okuntshontshiwe

Buyisa impahla entshontshiwe. Nansi induku uma bekuntshontshele.

Umuthi wokulanda isikweletu

Umuthi wokulanda isikweletu, umuthi wokubuyisa imali yakho ebolikiwe, useboleke imali useyakuziba akasafuni ukukukhukhokhela, ake siyilande. Umuthi kamashonisa uma ungumashonisa ungahlukani nalomuthi. Uyathunyiswa lomuthi, umuthi uma unamafutha ubokwazi ukuthi awuphalazi, awugezi ngawo ngaphandle uma utsheliwe yinyanga yakho.

Ababuyisi badlala indima enkulu ekulandeli isikweletu Umuthi wesikweletu obuyisa imali uma umuntu bewumbolekile. Uyasebenza futhi lomuthi uma bewuboleke umuntu into okungaba yimoto, iphone, izingubo kodwa akasafuni ukuzibuyisa. Uma kukhona umuntu obekuthembile imali noma into noma ethe uzokuholela wabese engakuholeli nalapho uyawusebenzisa lomuthi. Lomuthi uyashunqiswa.

Umuthi wokubuyisa isithandwa sakho

Isiphephetho lesi esenziwa ngababuyisi ukubuyisa isithandwa sakho, isiphephetho umuthi owuphephethayo ubize lowomuntu ukuthi akabuye. Izikhafulo eziningi lezi ezinamandla ezihlangene zaba umuthi owodwa oyisikhafulo esinamandla, inyanga ewaziyo umuthi ingakuhlukanisela lomuthi yenze izikhafulo eziwu 4 or 5.
Sibonile amandla omuthi ababuyisi ukuthi bayangena kakhulu emithinini lapho sifuna ukubuyisa izinto okungaba isithandwa, okutshontshiwe, abasikweleta khona.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

Ngicela ukwazi elinye igama lalomuthi ABABUYISI
167 posts
Reply
Ngicela ukubuza uma webile noma untshontshile wase uyathakathwa uyalungiseka yin lowomuntu aphindele esmeni?
167 posts
Reply
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke