Hlabazihlangene wenzani
UHlabazihlangene
Uyangena emthini yokucupha umthakathi, uyachela ekhaya, uxhosa lonke uhlobo lwesilwane. Uyaphalaza, uyafutha. Uyangena emithini yokuphindisa imithi emuva efana nesichitho. Uyangena emithini yezitha. Uyangena emthini okhothisa khona inkomo or imbuzi or inkukhu ngaphambi kokuhlaba ukuze ungahlebeli izipoki, nemincwi nemimoya engasile. Uyangena emthini yokuphindisa imithi emuva ngisho nesichitho, Uyangena emthini yokukhuluma ususe konke okungasile empilweni yakho, uyafutha, uyaphalaza.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke