Ukuphalaza ukuphuza umuthi ngenhloso yokuwuphalaza,
Ukugabha angazi noma kusawukuphalaza yini, esigodini sami kwazulu natal sithi ukuphalaza,
kodwa ngike ngezwa egoli bethi ukugabha.
Uma uHIV positive awuphalazi ngomuthi kodwa uyawuphuza ngenkomishi kuphela,
Kuncono uxoxisane nenyanga ekunike umuthi ngaloludaba.
Umuthi ophalaze ngawo awugezi ngawo uyawuchitha ngaphandle komuzi,
ngaphandle uma uyalelwe yinyanga yakho ukuthi wusebenzise ngenye indlela.
Uma uyaleliwe ngomuthi kwathiwa nje "uyaphalaza" kusho ukuthi kumele ulandele indlela ejwayelekile
"Standard". Isibonelo: Eminye imithi uphalaza ngayo ibanda, uma ungatshelwanga lutho ngokuthi uphalaza ngawo ufudumele noma ubanda,
uphalaza ngawo ufudumele "standard".
Uzijwayeze ukwenza imithi kukhanya, uma umelaphi efuna wenze imithi ebusuku
uzokutshela, njengezikhafulo kuyaye kushiwo ukuthi khafula ngo 1 ebusuku, so standard sakho sokuphalaza isekuseni
ilanga lingakaphumi futhi ke awube usaphalaza uma usudlile. Mina ngumuntu wasemakhaya, awuphalazi sekubuka abantu ngoba
awazi ukuthi ubani okubukayo, omunye uzofika athathe umhlabathi lebewuphalazela khona.
Nina ke basemalokishini, awuphalazeli etoilet ngaphandle uma wenza isichitho noma inyanga ikutshele kanjalo.
Ngicela nibuze lapha ngezansi ngokuphalaza, ukuze ngizonenzela uhla lwezinto eziyi standard.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |