NGEBHE umuthi wani

INGEBHE Iyangena emthini yokufuna isikweletu. Iyangena kwizikhafulo zokubuyisa isithandwa sakho. Iyangena emithini yokuhlonishwa nokusatshwa abantu baze shawe uvalo bahluleke nokukubuka emehlweni. Iyangena emithini yokuvika amaphoyisa, amaphara, izigebengu. Iyangena ekwenzeni umuntu wakho abheke wena wedwa.

Umuthi wokubamba indoda

Umuthi wokubamba intombi or umfazi or umuntu wakho noma ilona okipite naye, lomuthi ke owalaba abahlale bexabana, uma umuntu wakho ehlale enolaka ekuthethisa ungenzile lutho, ehlale ehluthukile nje kuwena, kodwa axoxe kahle kwabanye abantu kunenkinga impela ke la. Hlanganisa lemithi ihlangane bese ziyakhala: Mabusana umuthi, Mhlonishwa umuthi, Ndoda kayiphendulwa umuthi, Calakalithethwa umuthi, Thula du umuthi, Mankunkunku umuthi, Ilukuluku umuthi, Bhekamina umuthi, Nginakile umuthi, Mnandi noveshe umuthi, Mlomomnandi umuthi, Ingebhe umuthi, Ndabulavalo umuthi, Mbinda madoda umuthi, Mathithibala umuthi uyageza ngawo bese ungasuli uyadansa naye umdanso wabantu abadala lona engizowubiza nge-'cha cha cha' noma 'ball room' noma udanse 'walts dance' naye noma imuphi ke umdanso eniwudansayo.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke