Impathampatha wenzani

Impathampatha umuthi yenzani? Iyangena kumuthi womsebenzi, iyangena kwisibambelelo, iyangena kumuthi wokuthandeka kubantu bonke ngisho nokuthandwa abelungu emsebenzini. Uyangena kumuthi yokuqonywa. Iyangena emthini yenhlanhla.

Kwezogazi iyangena
Izibambelelo iyazenza
Eyntelezini zokuvika abathakathi iyangena
Emshunqisweni wokuxosha imimoya emibi
Inhle kakhulu lenduku mina ngiyathaka kweziningi kakhulu zokuvula inhlanhla ezahlukahlukene

impathampatha Umuthi othakiwe ngempathampatha
*Impathampatha
*Foshela
*Roslina (kancane)
Umuthi wokuthandeka lona othakiwe sisebenzisa impathampatha ebesixoxa ngayo ngenhla

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

Ngibingelele Mkhulu .ngicela ukubuza uthaka kanjani mawufisa ukuthi umyeni enganilahli kanye nabantwana bam nokuthi uthaka kanjani mawenzela ukuthandeka nasemsebenzi usebenzisa impathampatha ? Ngyabonga
167 posts
Reply
Ngixolise mkhulu ukubhala kanini ngicela nokubuza umuthi olungisa umzimba noma isisu ngaphakathi angikhuluphali angikuthandi futhi ukudla ngimane ngome umzimba ngize ngidabuke manje ngiyabonga lento isuka ngaphakathi nokudla akuyenzi- arbsoption kahle ngyacela usizo nkocyam
167 posts
Reply
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke