Umthole umuthi wenzani

Umthole umuthi Uyangena emthini yokuthandeka, uyangena kumuthi we business. Uyangena kwisikhafulo. Uyangena emthini wokucupha abathakathi. Uyangena emithini yezitha. Uyangena emthini yokuthandeka

Umuthi wogazi nokuthandeka

Amakhambi okuthandeka, ake sithake amakhambi sikwenze uthandeke kakhulu abantu bonke. Umuthi wogazi lona. Umuthi wokuthandwa izintombi or uma uyintokazi umuntu wokuthandwa amadoda lona. Qguma ngalomuthi, phalaza ngalomuthi, geza ngalomuthi.

Bamba indoda or isithandwa sakho sesifazane singabaleki noma indoda ingahambi ngalomuthi. Isikhonkwane sothando, anisoze nahlukana mawusebenzisa lomuthi.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Ngiyabonga baba ngencazelo, ngicela ukubuza uyakwazi yini ukuchatha ngawo wodwa nj umthole uhqume uphala
167 posts
Reply
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke