UMzaneno wenzani

UMzaneno Uyangena emthini wokubiza abathengi. Uyangena kwisikhafulo. Umuthi wokukhuluma nedlozi, umuthi wokusondeza idlozi. Uyangena emthini yokuqonywa. Uyabuyisa okwebiwe. Uyangena emthini yokubiza imali. Uyangena emthini yokuthandeka. Uyangena emthini wenhlanhla. Uyangena emthini yokuhlonipheka nesikhundla. UMzaneno Uyangena emthini wokugembula, ungena emthini yokukhanyisa idlozi, uyangena emithini yokucela edlozini, umuthi wokusondeza idlozi, uyangena kwisibunge, uyangena kumuthi webusiness. Uyangena kwisikhafulo. Uyangena kwisibambelelo. Umzaneno induku enamandla kakhulu ekusondezeni idlozi noma amathongo akithi akuvakashele emaphusheni. Uma uwusebenzisela inhlanhla, uwusebenzisa izinsuku eziyisikhombisa.

Ukuphupha umuthi uMzaneno

Amaphupho ngomzaneno, ukuphupha umuthi umzaneno or usebenzisa umzaneno kodwa ube uphupha ngabe kuchazani?

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke