Umvuthuza umuthi wenzani

Umvuthuza udume ngokubulala idliso, udume ngokubulala isichitho sezintwala, uyangena nakumuthi ovika isibhamu, umvuthuza angiwazi wehlukene kangaki, kunowamabhaca, kunowamampondo, nomunye ke ojwayelekile. Umvuthuza uyabulala imithi yabathakathi. Umuthi wokushaya izitha. Umuthi wokulapha ilumbo emzimbeni. Ukhipha ngisho isilwane umvuthuza. Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni.

Umvuthuza uyathakwa nomuthi wokuhlala isilwane, wokulahla isipoki, wokususa izinto ezimbi ezihamba nawe noma obelethiswe zona. Ake sithake umvuthuzake sisuse lokhu engiqeda ukukubala.

Mlungu Msomi ukulumba inxeba: Uma ushayiwe manje usufuna ukuziphindiselela. Legenge ethanda ukushaya abantu ake siyilungise; uma ekushayile thatha izambane lasendle OR umvuthuza.... Wusike phakathi uhlikihle la ushaywe khona usho ofuna kwenzeke kulezo zandlana zakhe, kubuyisele ndawonye bese uyomba esidakeni! ESIDAKENI, hhay la kuntshontshwe khona ipayipi kwase kuxhaxhaza amanzi......fulathela ugqibe ngezinyawo ufulathele bese uyahamba

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke