Mbhemiso umuthi wenzani
Umbhemiso umuthi lona owufaka emakhaleni bese uyathimula uthi "Eiithi".
Ekhaya lami umbhemiso siwubiza ngesihlungu sokubhema.
Isihlungu sokubhema aka umbhemiso wenza umsebenzi omuningi, uyavusa isithunywa, uyelapha izifo eziningi
ikakhulukazi ikhanda.
Bese kuba nemibhemiso ekhothwayo ikakhulukazi lena yekhanda, ekhaya lami leyomibhemiso siyibiza ngo Khotha-Bhema
Angithi niyazi ukuthi umndeni uke ube nolimu lwayo, nezinto abaziqambela zona.
Umbhemiso uses and benefits
List of benefits for umbhemiso:
- Umbhemiso uyelapha ikhanda
- Ucacisa amaphupho
- Uyasiza kwabahlolayo nabanabantu abadala
- Ucacisa amaphupho
- Umbhemiso wabafundi uma befunda sebezobhala
- Uvula inqgondo kulaba abangenanqgondo (ngiyancokola, kodwa yebo uyelapha izinto ezimayelana nenqgondo)
- Zikhona nezikhafulo ozifaka emakhaleni uzibheme bese uyakhuluma
Umuthi wokuphasa esikoleni
Umbhemiso wabafundi ukuze babhale kahle. Umuthi umbhemiso lona owabafundi, singathi umuthi wokuphasa lona,
ukuze bakhumbule konke akade bekufunda, ungathi uphuma kwiphepha ube uthi "yazi ngiyakhumbula ngiyifunda lento,
kodwa ngikhohlwe dwi ukuthi beyithini". Umfundi akhumbule impendulo esephume ephepheni iwrongo leyonto.
- Uhlunguhlungu
- Inhlungunyembe
- Umkhwangi
- Usingalesalukazi
- Ilethi
- Neminye imithi
Umbhemiso wemimoya
Umbhemiso wokubhula. Imithi yokwenza umbhemiso wemimoya,
hlanganisa lapha
Umbhemiso wekhanda
Mbhemiso uma uhlushwa ikhanda
Mandisa Dlamini
Nginenkinga ngifike ngashiwa umuntu ngisamthanda ngaphandle kwesizathu manje usevele
waqonywa ingane yangalana engihlala khona ize ingiqambela Amanga ithi ngiyayifonela
ngingakaze nje Ngiyifonele bengicela usizo bakithi ngimbuyise ngoba ngisamthanda...
Ngixolise ukuba mude.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke