Abanqgongqozi umuthi wenzani

Abangqonqgozi kunegxolo nekhambi Abangcongcozi abavula kuvaliwe Abanqgonqgozi bayangena emuthini wemali, bayangena emuthini webusiness, bayangena emthini wokuvula idlozi elingasebenzi, bayangena kakhulu kwizikhafulo, bayangena kwizikhaufulo zolwandle, iziphephetho, idliso lomoya, izikhafulo ezikhothwayo. Abangqonggozi bayangena kwidliso lokudla. Bayangena emithi yezitha, bayangena kwimithi yokuthi imoto yakho idlule emaphoyiseni. Bayangena ekubuyiseni isikweletu. Bayelapha ubuhlungu besibeletho nesinye. Bayangena emthini wokukhipha umuntu ejele nasemithini yecala. Bayafutha, bayaphuzwa, bayaphazwa. Bayangena emithi yokuhlanza igazi ikakhulukazi uma ufuna umsebenzi, ufuna ukushela, ufuna umshado.

Ukuvula isibopho ngabanqgongqozi

Abangcongcozi bayanqgongqoza kuvaliwe bayavula bona. Ibhizinisi elivaliwe, impilo emile, ake siyivule ngalomuthi. Uyabona kumele ngabe sewazile kushona ini langithe fill in ngomuthi, kushoda usondeza, ngoba siya knocker, sivula isicabha sivaliwe bese sisondeza lento esiyifunayo. Ngalomuthi, futha, ukhulume esifuthweni sakho, phela lomuthi awazi ukuthi uwufunelani, isho ukuthi unezibopho ezivale business noma impilo, emva kokufutha ube sewuchela ngalanzi ofuthe ngawo. Izinsuku ezintathu.
Uthi ungaqeda kulezinsuku ezintathu. Thatha lomuthi lo uchele ngawo lawusebenzela khona. Mali yakho ayihlali uyahola kuphelele ezandleni. Konke kuzolunga simehlulile usathane.

Uphunyuka bemphethe

Umuthi wemoto idlule kumaphoyisa, umuthi wokudlula kwizitha zingakuboni, Umuthi wesibhamu udlula bekufuna ngezulu lezandla la. Uphunyukabemphethe into engabambeki, ngisho imithi yabathakathi ayikutholi. uyageza ngalomuthi uzozidlulela kulaba abakufunayo. Washa imoto yakho udlule ezitheni ezikufuna uthuli.

Umuthi wokubuyisa isikweletu kulabo abakukweleta imali.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke