Ishinga wenzani

Ishinga umuthi wenzani? Iyangena emthini ebhekiswe kubathakathi, iyangena kwizibambelelo. Liyangena emithini yedlozi, liyangena emthini yokucacisa amaphupho.

Itshe labelungu isiwasho isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lesiwasho siyangena emithini eminingi ingakho ngisifake lana nemithini, siyangena emithini yenhlanhla, siyangena emithini yomsebenzi, siyangena emithini yokuthandeka.
Amangwe isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Ayangena kwisikhafulo. Ayangena emithini wezitha.
Ushisizwe isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Ulapha ilumbo ikakhulukazi lezintwala, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yesichitho, uyaphuzwa uma ungakuthandi ukudla uvule inhliziyo, ubulala izilonda ngaphakathi, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wezitha. Wehlisa iphika.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke