Isibabuli umuthi wenzani
Isibabuli singena emithini eminingi ukuchela ekhaya, ekwenzeni isikhafulo,
ekuxosheni izilwane njalo njalo.
Isibabuli embizeni kashukela
Umuthi wokwelapha ushukela, ake selaphe isifo sikashukela sisebenzisa isibabuli.
Nomvula Kheswa
Sanibonan ekhaya kusihlwa,hha ngashisa isibabuli ikhanda langiphatha laphuma ngamehlo,nangamakhala ngyabonga.
Admin
Isikalo semithi sibalulekile, ingakho kumele imithi uyithenge kumelaphi ozokwaluleka ukuthi usebenzisa umuthi ongakanani.
Yonke into uma uyisebenzisa mawala iba nama side effects, isibonelo: uma uphuza amanzi angu 6litre,
izinso ziyayeka ukusebenza umuntu ashone, kodwa amanzi anempilo, okushuthi "too much of everything is bad".
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke