Ushukela ungena noma ufika ngezindlela eziningi kodwa ngaphambi kokuba sixoxe ngalakho ake sithole kuqala ukuthi uyini ushukela. Ukuzwe sikwazi ukwenza izinto eziningi phakathi nosuku sidinga I Energy. Ukuhamba (Walking) kudinga energy, Ukukhuluma kudinga energy, ukusebenza kudinga energy. Uma ungathatha I microscope enemandla ubheke umzimba womuntu uzothola ukuthi kunama cells amaningi futhi lama cells ukuze asebenze kahle adinga I energy. Ama cells ahlukahlukene. kukhona amacells esikhumba, wamehlo , izinwele, inhliziyo njalo njalo. Umuntu wenziwa ngama cells amaningi kakhulu ehlangene. Kufana nokubona indlu enhle enkulu. Indlu inomyango(isicabha) amafastela, uphahla, kodwa uma uma ungabheka indlu ikhandwe ngezitina eziningi (Bricks) futhi isitina sikhandwe ngomhlabathi. Nomuntu kuyefana. Umuntu ukhandwe nagama cells amaningi. Uma sidla ukudla noma yikuphi, umziba uthatha ushukela noma energy uwufake kwi mithambo yegazi (Blood Vessels). Kune hormone ebalulekile okuthiwa Insulin. Insulin, umsebenzi wayo ukuthatha ushukela kwimithambo yegazi uwufake Kuma cells ukuze lama cells athole energy. Le energy iyona esenza singakhathali iyona esenza sikwazi ukwenza izinto eziningi. Ushukela ungena kwi muscles, nakwezinye izindawo ukuze asebenze kahle ama cells ethu. Uma kuthiwa umuntu unoshukela.
Kungenzeka ukuthi I insulin ayisakwazi ukuthatha loshukela iwufake kuma cells. Lokho kwenza ama cells anagsebenzi kahle futhi ehlale ekhathathele. Usakhumbula enye indlela ushukela oziveza ngayo ukukhathala. U ama ushukela ungasangeni kuma cells ethu lokho kusho ukuthi ushukela uba mningi kakhulu kwimithambo yegazi (blood Vessels). E clinic ukuze bakwazi ukubona ushukela kumele bakhiphe igazi ngenaliti lifakwe emshinini, Umshini ukale izinga loshukela egazini. Imithambo yegazi ayidalelwanga ukuthwala ushukela isikhathi eside,umzimba uyakwazi ukubona ukuthi ushukela uphakeme kakhulu ukuze kube ne balance, umzimba uzotshela izinso (Kidneys) ukuthi mawehlise ushukela egazini ngokuyochama. Usakhumbula enye yezimpawu sikashukela ukuchamanjalo. Uma kuphume amanzi amaningi ngokuyachama umzimba usala unamanzi amancane bese kuqala ukonywa. Usakhumbula enye yezimpawu zikashukela Ukunyowa. Uma umuntu onyiwe kakhulu kuba dry kwi throat aqale ukugwinya amathe futhi afisa ngathi angathola u drink obandayo ngokuvamile abantu ukunywa bazama ukuqeda nge cold drink kanti nayo inoshukela kube sekuqala vicious cycle, ushukela ophezulu, ukuchama njalo nokonywa. Ngifisa ukusebenzisa lelithuba ngibone wonke umuntu okule group futhi ngizozama konke okusemandleni ngiphendule imibuzo noma yikuphi enidinga ukukwazi.
ukuphupha ushukela kuchazani? amaphupho ngoshukela, ukuphupha uchitha ushukela, ukuphupha ufaka ushukela epharishini or etiyeni or kwidokwe. Ukuphupha ushukela omhlophe or ukuphupha ushukela omnyama.Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |