Isambulo wenzani

Isambulo umuthi, noma uMvagazi, wenzani uses and benefits siyangena emthini yokukhuphulwa isithunywa. Siyangena kwigobongo, Siyangena emthini wokuvula izinto zakho ezivalekile. Siyangena kumuthi wenhlanhla. Siyangena emthini wokucacisa amaphupho.

Igobongo

Isambulo lakukhulunywa ngaso khona kukhulunywa ngamagobongo noma idlozi. Amagobongo ahlukene kaningi, amanye enziwela ukuthi idlozi likhulume nawo lisho lifunani. Umuntu mayedla amagobongo akusho ukuthi usuke ezothwasa. Igobongo uyalenza lapho uhlola khona kungaveli lutho, kodwa unabantu abadala ukuze bafike bazosho ukuthi bafunani kuwena, yini okumele uyenze.

Isizukulwane/ Uqedubuhlobo/ Umuzwawulapha isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Siyangena emithini yokushaya umthakathi. Uyangena nasemithini yokuthakatha.
Ishinga isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Iyangena emithini ebhekiswe kubathakathi, iyangena kwizibambelelo. Usetshenziswa emithini yedlozi, ufaka emithini yokucacisa amaphupho.
Umhlahlo isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umuthi Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwigobongo. Usetshenziswa emithini yedlozi, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokushaya izitha. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokucacisa amaphupho.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke