Sehlulamanye wenzani

Uyangena emithini yeziduna ebusweni, uyangena emithini yokuthandeka, siyangena emithini yokuqonywa kubantu besilisa nokushelisa kubantu besifazane. Uyangena emthini yokugembula. Uyangena emithini yokugeza isidumbu. Uyangena emithini yokuqinisa ukhalo kwabakhulelwe ukuze isisu singaphuphumi. Njengoba igama lawo lisho "sehlula amanye", lo muthi oyintelezi uyasebenza ukukhipha isichitho. Ungumuthi wesithunzi osetshenziswa abaphathi kanye nabanumzane abathile. Umuthi wokuqguma, umuthi wokuphalaza usebenzisa amagxolo ayo lentelezi.

Ukuphupha usehlulamanye umuthi

Amaphupho ngomuthi usehlulamanye, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi usehlulamanye? Ukuphupha umuthi usehlulamanye ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp