Ukugquma abanye bathi ukufutha,
mina esigodini sami kwazulu natal sithi ukugquma, igama lokufutha ngiliqabuke ethekwini
sengimdala. Kodwa njengomuntu ongabandlululi uzobona amapost ami ngibhala ngithi "ukufutha"
kwesinye isikhathi ngithi "ukugquma" ngiwasebenzisa womabili lamagama ngokulingana.
Kunento ebalulekile kakhulu, amanzi obufutha ngawo awugezi ngawo, ngaphandle uma kusho inyanga,
ngizophinda ngithi kunento ekuthiwa ngesingisi yi-"standard", uma ungachazelwanga ngomuthi,
usebenzisa istandard, standard sethu sithi uma ungatshelwanga lutho kwathiwa futha, kwangachazwa,
awugezi ngalawomanzi. Ukufuna ngo-plastic ngikuqale lapha edurban,
nizofa nina, akufuthwa ngo plastic kodwa usebenzisa ingubo eyisidudla, ngesingisi "thick blanket".
Uzijwayeze ukwenza imithi kukhanya, uma umelaphi efuna wenze imithi ebusuku
uzokutshela, njengezikhafulo kuyaye kushiwo ukuthi khafula ngo 1 ebusuku, so standard sakho sokufutha
ilapha kukhanya, Ngike ngithi mina kuwowonke umuntu: zijwayeze ukwenza zonke izinto zakho kusakhanya,
ukuze izinto zakho empilweni zozokhanya. Shanela endlini kukhanya, luka kukhanya, pheka kusakhanya,
yonke into yakho mayihambisane nokukhanya, noma uthatha indlela eya endodeni yakho hamba kusakhanya.
Amanzi obufutha ngawo awuwachithi etoilet ngaphandle uma inyanga yakho ithe akunankinga noma kusho yona
yathi wachithe etoilet.
Ngicela nibuze lapha ngezansi ngokuphalaza, ukuze ngizonenzela uhla lwezinto eziyi standard.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |