Ubhubhubhu wenzani

Bhubhubhu umuthi uyangena emthini we business, uyangena kumuthi wenhlanhla. Uyangena emthini yokuthandeka, uyangena emthini yokuvula. Uyangena kwinhlanhla yemali. Uyangena kumuntu wokuvusa indu-ku. Umuthi wokuqondwa. Uyangena emithini ethinta idlozi.

Umuthi wokuyofesa

Umuthi womsebenzi, umuthi wokufesa, umuthi wesikhundla emsebenzini. mawupheka umuthi wokuphalaza faka ingidi entsha evuliwe uyifake nokhiye wakhona, uthele ku 5l nayo lengidi uphehle usashisa ukhulume kuthi ufunani bese uyaphalaza.

Umuthi wokubuyisa isithandwa

Ubhubhubhu uyasebenza futhi ekuthakeni umuthi wokubuyisa umuntu okade uthandana naye.

Umuthi wokuba nogazi ezintombini

Ubhubhubhu uyathakwa no umlomo omnandi, usiphahluka, umkhanyakude neminye imithi ukuze uthandeke ube yinsizwa ethandwa ngabantu besifazane. Uma uwusebenzisela inhlanhla isikhathi esiningi uwusebenzisa izinsuku eziyisikhombisa. gaya kuhlangane isifutho lesi wothi mawuqeda kuphalaza uthathe lengidi uyifake lawufuthela khona ukhulume kuthi wena unani, ugeze ngalamanzi ofuthe ngawo ufake lengidi phakathi, manzi uwachitha nomakuphi ingidi lena uyilahla esigangeni, emfuleni ivuliwe injalo, abasebenze abantu bathandeke emsebenzini, bathole izikhundla, banyuselwe imiholo.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke