Umzunywa wenzani

Umzunywa umuthi uyangena emithini yezitha, yokuziphindiselela, yokulumba inxeba, yokulumba isidumbu. Umzunywa ungena nakulemithi:

Ake senze isibonelo lapho sithaka umzunywa khona. Umuthi wokulumba inxeba lapho ushayiwe khona.
Umsululu
Umzunywa
Ilukuluku
Imfinyezi yehlathi
Ijikantamo
Isibhaha
Unhlangothi umuthi
Idungamuzi
Unukani
Umsanka
Umhlakaza
Umsila wemamba
Umsila kaxamu
Izinzipho zemfene sezandla sokungxele
Uvuka malibeni
Unyoka iziphinda
UNsukumbili

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 

Oil ophiyano kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Ayangena emithini yemali, ukugembula. Ayangena emithini egcotshwa kwi cv nasemithini efakwa ibe isiqgabo sokuyofesa. Iyangena emithini wogazi nokuthandeka. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuqoqa isikweletu.
Oil nkosazana kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Iyangena emithini wogazi nokuthandeka. Ukugembula


Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke