Mzungulu wenzani

Mzungulu Uyangena emithini yokususa isinyama. Uyangena kwidliso lokuthi umbambe angathandi abanye. Uyangena emithini evusa imizwa, uyangena emithini yokukhulelwa. Uyangena emithini oyisebenzisayo ucela izinto kuyona. Uyangena emithini yokuqaqa izibopho lapho wena ukhala ngokuthi umuthi awukusebenzeli, kanye nasemithini yokuchatha uma unezinkinga zeqolo elibuhlungu. Umzungulu obopha womile noma umanzi uyangena emithini yokususa amathunzi. Umzungulu ubopha womile - isaga sesizulu esichaza ukuthi ungameyi umuntu umdelele ngoba ebukeka ebuthakathaka.

Ukuphupha umzungulu umuthi

Amaphupho ngomuthi umzungulu, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi umzungulu? Ukuphupha umuthi umzungulu ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke