Mhawukelwa Uyawusebenzisa uma ushela akudabukele udali wakho omusha, uyawusebenzisa ucela imali akudabukele lowo, nakuzozonke izindawo lapho udinga ukudatshukelwa khona uma ufuna into. Uyangena emthini yokufuna umsebenzi. Uyangena futhi emithini yokuhlonishwa noma ufuna ukukhuluma kuzwakale. Uyangena kwidliso. Uyangena emthini yenhlanhla. Umuthi wokususa isinyama, amabhadi, uzivule izinhlanhla zikhanye empilweni yakho. Umuthi wesikhafulo uyangena uma wenza izikhafulo, kunesikhafulo lapho ufakwa khona ufake nomchamo wakho futhi.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |