Igama lesayensi luka-Ugibizisila ngu-Bowiea volubilis, elaziwa ngesiNgisi ngokuthi i-"climbing onion". Lesi isitshalo esinombondo (bulb) esikhwelayo, esitholakala ezindaweni ezomile zase-Afrika, kusukela e-Uganda kuya eNingizimu Afrika. Singomunye wemithi yesintu ethengiswa kakhulu eNingizimu Afrika.
Isexwayiso: Lo mbondo unobuthi obukhulu uma ungadliwanga noma ungasetshenziswanga ngendlela efanele. Ngenxa yokuvunwa ngokweqile, izinga laso emvelweni selincipha kakhulu.
Uyangena emthini yokuzikilina, use konke okungasile okungaba isinyama, isichitho, uyangena emithini yokumithisa. Uyafutha, uyaphalaza, uyasusa izinto ezingasile uyawuthaka uyophalazela emfuleni kuhambe konke okungasile.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |