Udlutshani wenzani

Udlutshani umuthi uyangena emthini yokuvusa ubaba olalayo enkamelweni. Uyangena emthini wokubuyisa inqgondo kumuntu ohanjelwa yingqondo. Uyangena emthini wokwelapha isifuba. Uyangena phakathi kwemithi esiza kakhulu uma une zilonda ngaphakathi esiswini nase gazini Uphinde ube umuthi ovula imithambo kubo baba njengoba kade sesichazile. Noma wenza umuthi woku chatha ungawu shiye Lomuthi uyaphekwa neminye imithi yoku vusa imizwa uphuze Kanti futhi uba muhle uma uphuza lomuthi ngoba uya cleaner igazi kakhulu. Ushaya konke neqolo elibuhlungu. Udlutshani uyaphuzwa nesobho neminye imithi ukuze ugide ubusuku bonke.

Below is a picture of udlutshani herb: udlutshani pictures

Isithombe esiveza umuthi udlutshani: Nozixhekani udlutshani pictures

Ichishamlilo umuthi uyangena ezimbizeni zokwelapha umeqo singene emithini yokuqina ukubethela emithini yokuvala izulu isibhamu nezihlambezo
Ikhanyisa umuthi lingena emithini emihle yokuhlanza igazi nasemagobongwen
Umwelela umuthi uyangena emithini yezikhafulo zokubuyisa nasemabuthweni umuthi ongasali emithini emininzi
Udlutshani uyangena ezimbizeni zokuchatha uma ubhajiwe phecelezi idrop noma unezintwana unamandla kakhulu
Isinwazi unamandla uwodwa uyangena ezintelezin zokuchela kanti uphinde ungene ezindukwini zokugeza igazi uvula amaphupho uvula umsebenzi muhle kakhulu kanti nase mithin yokuqinisa izimoto uyangena

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke