Usiphahluka wenzani

Usiphahluka Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyangena emithini yokuthandeka. Lomuthi wenza okunika okumayelana nokuphahluka, isibonelo: uyawusebenzisa kumuntu wakho lapho ediniwe engakutsheli inkinga ikephi, avele aphahluke akuxoxele konke okungamphethe kabi.

Ukuphahlukisa umuntu wakho

Umuntu wakho uyafeba? Uyamsola ukuthi cha ngathi awuseyedwa kulomuntu? Ufuna ukwazi ukuthi ngabe ukufebela ngempela yini? gaya lemithi uyihlanganise kube yimpuphu. Futha ukhulume naye esifuthweni sakho umtshele ukuthi akavele asho inkinga, akavele aphahluke athi mina sengiqomile? Wufake ebhakedeni lakho lika 5 litha ukhulume ukuthi akaphahluke uvuke uphalaze. Uma ungumuntu o weak ungawenzi lomuthi ngoba uzovele akutshele ukuthi ingane akuyona eyakho.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

Malini ose uhlangene
167 posts
Reply
?
 

Ihhashi oil kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Amafutha ayangena emithini evika izinto ezimbi ezifana nemimoya.
Inyengelezi oil original kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Ayasetshenziswa ekuvikeni izitha Kanye namaphoyisa. Ayagcaba amafutha, ayangena kwisiqgabo futhi. Uyangeka emithini yokuvikela isibhamu.
Amafutha kagesi kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Ayangena kwidliso locansi.
Oil enkawu kule article sizobheka umsebenzi walamafutha ukuthi enzani Ayangena emithini egcotshwa kwi cv nasemithini efakwa ibe isiqgabo sokuyofesa. Iyangena emithini wogazi nokuthandeka.


Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke