Ndwendweni wenzani

Undwendweni uyangena emithini yemali. Uyaqguma, uyaphalaza, uyageza, uvula okuvaliwe. Uyangena entelezini yokuchela egcekeni. Uyangena emithini yedlozi. Uyangena emithini yokuthandeka. Uyangena emithini yenhlanhla. Ntombi zibelethene elinye igama likandwendweni.

Namuhla sizobuka enye yalemithi ebizwa ngokuthi undwendweni. Undwendweni umuthi oyimpande eziyigaqa ezilandelanayo kunenkolo ethi uma uwusebenzisa okubi nokuhle kuza kuwe kulandelana. Vula izinto zakho zibe zinhle ulandelwe okuhle kodwa, ndwendweni,impikayiboni, nguqumaphenduka, ngaphambi kokuba ufuthe, uphalaze, ugeze for 3days phahla uwutshele kuthi wena ufuna kuvuleke inhlanhla nezinto zakho zikhanye. Shaya umthakathi osowenza ikhaya lakho elakhe, ndwendweni, mpenduli, hlaba zihlangene, phahla ukhulume kuthi ufuna loganga kakho bamuloye abanye bathakathi baphindelele kube u ndwendweni wokuloywa. Ufuthe kabili mawuqeda uchele ikhaya loke, bayohamba bamuloya lona oganga kakho. Muhle u ndwendweni uma ukwazi kuwusebenzisa. Umsamo wakho sangoma ahlakazekile? Uyalungiseka nawe uphile kahle. Ingane ethathela kude eskoleni nayo iyalapheka.

Isibunge sikandwendweni

Undwendweni mkhulu ekwelapheni ake sibheke lapha ngezansi undwendweni uthakwa wenziwa isidonso esidonsa abathengi kwishishini lakho. Isibunge sesigodlo, isibunge se business, isibunge samakholwa or sebandla or sesonto. Nansi imithi ngezansi: Gcwalisa ibusiness ngokushesha ngalesibunge.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke