INKOMFE umuthi wenzani
INKOMFE / African potato,
Uyangena emthini yokuqeda izinduna ebusweni.
Uyangena emthini yokucupha umthakathi. Iyangena emithini yokwelapha isifuba.
Iyangena emthini yokukhipha isichitho, amathunzi, amanzi amnyama, isidina, ukungathandeki.
Uma unamasosha omziba abuthaka uyayipheka uyiphuze.
Unezilonda emzimbeni ngaphakathi nangaphandle iyangena esimweni esinjalo.
Unezinhlungu umzimba wonke iyangena esimweni esinjalo.
Uyangena kumuntu wesifazane onephunga Kanye namanzi amaningi.
Izinduna isikhumba esibi,
umuthi wokususa izinduna.
Pheka lo 2L wakho uwusefe kahle bese ubilisa lomuthi osele ufuzabokha i cup mawuvuka noma ulala ugeza ngawo ubuso ungasuli.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke