Vutha how it works
Uvutha umuthi uhlukene kathathu kunovutha oyitshe uma uwufaka emanzini uvele ubile njengelahle,
uyawuphuza ukukhipha idliso. Uvutha oyisiwasho, Lowovutha oyitshe uyakwazi ukwenza isiwasho sedliso ngawo.
Uvutha wesibili uyikhandlela uyancibilika, lowovuma uyatholakala olwandle.
Uvutha wenza ukuthi umuntu ashe abe umlotha ngaphandle kokulayithwa noma umuzi wonke ushe.
Umuthi wabathakathi abawusebenzisa ukubhubhisa. Uvutha ungumuthi oyingozi,
umlilo wakhona uvutha ungaziwa uqhamukephi, futhi awucishwa ngumuntu, awucisheki.
Lomuthi ujwayele ukusetshenziswa izigangi lapho abantu beshada kuvele kuvuthe imoto.
Uvutha oyisihlahla uthatha igxolo uwuphuze uwuhlanganise neminye imithi bese uvakashela othanda naye,
akasoze afuna omunye umuntu ngaphandle kwakho.
Wenzani uvutha umuthi?
- Ushisa imizi
- Ushisa izimoto
- Wenza amalumbo
Ukuphupha uvutha umuthi
Amaphupho ngomuthi uvutha,
kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi uvutha?
Ukuphupha umuthi uvutha ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi,
nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?
Kunoyikhubalo, kunoyitshe, kunoyigxolo. Uyangena emthini yokuphindisa izinto emuva. Uvutha uyangena emthini yokwenza ilumbo.
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |