Inganeko wuhlobo oluthile lwenganekwane zinhlanu izinhlobo zezinganekwane, inganeko wuhlobo lwenganekwane olukhombisa ukudaleka kwezinto, ukudalwa kwabantu, luphinde futhi loluhlobo lwenganekwane likhulume ngenkolo, isikhathi esiningi loluhlobo lwenganekwane luxoxa ngomvelinqangi okunguye umdali wezinto zonke. Njengoba lokuhlobo luxoxa ngomvelinqangi nenkolo liyaxoxa futhi ngezindatshana ezitholakala kwi bhayibheli Inganeko iwuhlobo lwenganekwane olukholakalayo. Loluhlobo lwenganekwane futhi luyaxoxa ngezibongo zabantu. Isibonelo senganeko exoxa ngesibongo: Kwakukhona umuntu endaweni thizeni lomuntu wayethanda ukudla emini.... (iqhubeke indaba)... ngokuthanda kwakhe ukudla emini wabe esebizwa ngokuthi uDlamini.
Kwasukasukela, Kwakukhona unwabu kanye nentulo, ngezakhathi zasemandulo umhlaba usanda kudalwa,
umdali wathumela unwabu ukuthi maliyotshela abantu ukuthi "mabangafi",
unwabu ke lwahamba kancane , lwalibala ukudla ubukhwebezane, unwabu lwahamba lwangabuya ngoba phela
kwakumele lihambise umlayezo bese liyabuya. Umdali ngokuthukuthela abese ethumela intulo
ayinike umlayezo othi abantu "mabafe", intulo ihambe ngesivivini ithumele umlayezo njengoba unjalo.
Ingakho ke kuze kube namhlanje abantu bayashona.
Cosi Cosi iyaphela.
tags: inganekwane yentulo no nwabu
Kwasukesukela ngendoda eyayifuye izinkukhu, lendoda yayizithanda izinkukhu zayo.
kwakuthi njalo mayiziphakela umbila izibale, zaziningi kakhulu zazifikile emashumini amahlanu (50),
kwathi ngelinye ilanga mayizibala yathola ukuthi
zishoda ngenkukhu eyodwa
ngakusasa kwayikho lokho kwashoda enye futhi, aibo yathukuthela kakhulu
indoda yacabanga ukuthi izokwenjani ukuze ithole lento eqeda izinkukhu zayo, yayizulazula egcekeni ithi
"demmmed demmned" ishaya umoya nengqindi, kuthe kusenjalo yabona izinyawana ezincane ezingangezekati yazilandela naziya koshona
phansi new lapho kwakukhona umgede, yajika yaphinda emuva ngakusasa futhi kwayikho lokho indoda yathukuthela yabila,
yathatha isibhamu sayo yaqonda gqoh eweni lezinyawo zekati
Yafika indoda emgedeni uchakide esalukile yangena
yahlala yalinda, ithukuthele kakhulu seyize yajuluka. Ithe isalindile
waqhamuka uchakide ehamba kancane wabona lezinyawo ezinkulu eziya ngasendlini yakhe
wasola ukuthi itshe limi ngothi nkombose kababa, wacabanga icebo uchakide, wooooh walithola ngokushesha,
wamemeza wathi "wendluyamiiiiiiiih !!!!" cwaka yathula nje indoda waphinda "wendluyamiiiiiiih" lutho yathula du indoda wathi uchakide "wooooh
kusho ukuthi kukhona umuntu okhona lapha kutheni mangimemeza uthule namhlanje?", waphinda wamemeza
"wendluyamiiiiih" yezwakala indoda ngelikhulu izwi "yheeeeeh!!!"
Wahleka kakhulu uchakide wathi "Siphukuphuku sendoda wake wayizwaphi indlu ikhuluma, ngeke ungbambe Mina!!!!"
Cosi Cosi Iyaphela.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |