intulo is a zulu word which means lizard, intulo isilwane esaletha ukufa esizweni esinsuku kade kuthunywa unwabu ukuthi liyotshela abantu ukuthi mabangafi, unwabu lwahamba ludla ubukhwebezane, kwabese kuthunywa intulo ukuthi ayiyosho ukuthi abantu mabafe, yafika kuqala intulo, unwabu lwafika ekugcineni, ilapho kwaqhamuka khona ukuthi sibambe elentulo, ngoba iyona eyakhuluma kuqala, uyabona uma ukhulume kuqala, kwabese kufika omunye nenye inkulumo , abantu baye bathi sibambe elentulo, okusho ukuthi sizwe esikuzwe kuqala asisafune lutho.
Intulo endlini? ukubona intulu ekhaya ngabe kuchazani? ukubona intulo ekhaya kuchaza ukuthi kunento ezokwenzeka noma kunomuntu ozofika. ukuphupha intulo kona kuchazani? ukuphupha intulo kusho ukuthi kukhona ozoshona ngoba iyona eletha ukufa esizweni. Ngiyadlala, ukuphupha intulo akuyona into embi, indaba yentulo nokufa iyinganeko , intulo ichaza ukuthi kukhona okuzokwenzeka empilweni yakho noma kukhona umuntu ozofika
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |