Kwasuka sukela,
Kwakuno baba owayehola kancane, Lobaba wayesebenza kanzima, futhi lapho esebenza khona kwakukude
Lobaba wayevame njalo ukuthi uma ebuya emsebenzini adlule emzini othize wesalukazi aphumule aphuze namanzi,
Bese futhi lobaba akhelela logogo amanzi.
Lobaba wayenoNkosikazi, Kwathi ngelinye lobaba nonkosikazi bakhuluma ukuthi kuzomele atshele lom'mlungu izinto sezikhuphukile
nendleko seziningi akamkhuphulele umholo nangempela bavumelana, lendoda yathi nje ifika kwamlungu yalubeka udaba lwayo
Umlungu wathi kuye okwamanje akanamali esandleni kodwa into angamenzela yona yinye uzomnika
indwangu yasetafuleni (table cloth) lendwangu uzaboyi culela bese indwangu ikhipha ukudla kodwa akumele andlule
nayo emzini wabantu hayi ivume ke indoda ihambe.
Njengokujwayelekile lendoda indlule kwa gogo ithi isahambile ugogo asale amushitshela leyo indwangu abuye lobaba ayithathe ahambe mefika kwakhe aqale acule indwangu ingakwenzi ukudla
Adinwe lobaba athukuthele abuyele kulomlungu ayombuza ukuthi kungani amenze isilima amunike indwangu engasebenzi?
Umlungu amtshele ukuthi yingoba udlule emzini womuntu yikho ingasebenzanga amnike imvu athi ungadluli emzini ke nalemvu uzayiculela nayo "mvuyami mvuyami bhosha imali" uzabona wena,
ibonge indoda ihambe , njengoba ulindele indoda ndini lena iphinde
idlule kwagogo aphinde futhi ugogo ashitshe imvu, amnike enye imvu, lobaba ahambe nemvu okungeyona eyakhe aye kwakhe
Uma efika kwakhe acule ingabhoshi lutho imvu ithukuthele indoda ibuyele kumlungu ngokudinwa isho nokumshaya ifike ibeke udaba.
Umlungu athi yingoba akalaleli udlula emzini wabantu kanti akumele akwenze lokho,
bese ke umlungu enika lendoda imvubu (insilane) athi akaye kulomuzi ahlale edlula kuwo mefika athi "mvubu yami mvubu yami shayigebengu".
Yahambi ndoda yafika kwagogo yasho ngempela "mvubu yami mvubu yami shayigebengu" ,
mayiqeda nje ukukhuluma nemvubu yavele yashaya logogo imvubu, yambhaxa umzimba wonke, waze wakhipha izinto zalobaba lobaba wathola
ukumangala nje wahamba wayakwakhe wafike wacula indwangu yenzukudla imvu yabhosha imali,
Lumuzi waba nemali kusukela ngalelo langa.
Nezigebengu zazisaba ukudlalela kulomuzi ngoba imvubu yayishaya ixebule mawuzoganga.
Cosi cosi iyaphela.
Kwasuke-sukela
Eminyakeni engamashumi amabili edlule, Kwakukhona umfana owayelwela inkululeko ezweni lakubo Ekulweleni
inkululeko lokho kwamakhela amazinyo abushelelezi kubaphathi mubuso ababephethe ngaleyo minyaka Wabanjwa
ngabaphathi mubuso bayomubopha ngoba bebona ukuthi lobuhlakani bakhe babuzowuketula umubuso owawubusa
ngalezo zikhathi Wathathwa wayoboshelwa ejele elalikude nakubo, futhi kwakunzima ukuthi ungeqa uye kini
kulelijele Phela angithi lelijele lalisesiqhingini kwakuqalwe kugitshelwe isikebhe ukuze uyofika kulo
Ekufikeni kwakhe lomfana kulelijele, wayehlala yena kuleligumbi ayeboshelwe kulo Kuthe ngelinye
ilanga wezwa kunomsindwana ongathi umuntu ozama ukuqgobhoza udonga Kwahamba-kwahamba njalo uma
sekuntambama uyawuzwa lomsindo okhala sakuqgobhoza udonga, ngendlela lomfana ayenodlebe ngakhona
walizwa izwi likhulumela kude lithi ngilekelele nawe qgobhoza sizohlangana Okwakumuthusa kakhulu
umfana lomsindo wokuqgobhoka kodonga wawuduma ngaphansi kombhede Kuthe ngelinye ilanga naye
wathola into azoqgobhoza ngayo ngaphansi kombhede,wayelokho eqgobhoza kancane kancane Okwamuthusa
kakhulu umfana ukuthi kwathi uma eseqgobhozile waqhamukela kwelinye ikamelo elalingumakhelwane wakhe
Kulelikamelo kwakuhlala ikhehla elidala,elaliboshe eminyakeni eminingi kakhulu Okwafika kwamuphatha
kabi kakhulu umfana ukuthi kanti lelikhehla laligula futhi ligulela ukushona Wafika kulo umfana
lelikhehla lathi mfana wami ubuwazi umthetho wokuthi uma uboshelwe kulelijele awuphinde ubabone
abakini Mmm kwamuphatha kabi impela lokho umfana ukuzwa ukuthi kanti uze ufele lapha Kuhambe-kuhambe
isikhathi umfana njalo ngezithuba zantambama uma onogada bejele sebesezindlini zabo, angene
kulembotsha ababeyiqgobhozile avakashele ikhehla egumbini lalo
Kuthe ngelinye ilanga ethi ulivakashele
wafika sekunzima kakhulu seligulela ukuthi ungaphuma noma yinini umphefumulo walo Ikhehla labe
selizama ukumuchazela ukuthi, mfana wami ngaboshwa ngingenamtwana futhi ngiyazi akusekho muntu
engisahlobene naye ngaphandle, njengoba ngibona wena ngibona indodana okuyiyo ozodla lemali engaboshelwa
yona Kwacishe kwasa ekuseni lizama ukuchaza ikhehla ngemvelaphi yalo,kodwa kwamuphoqa ukuthi umfana abuyele
egumbini lakhe, ngoba kwase kusa sekuzofika onogada bezobabheka ezindlini zabo Kuthe ngentambama yangakusasa
aphinde abuyele ekhehleni futhi umfana lifike lizame futhi ukumulandisa ngempilo yalo ikhehla umfana Uyabona
sengimdala mina mfana ngenke ngisakwazi ukweqa ngiphume kulelijele,ukuze ngiyodla lemali engayiqgiba eduze
kwesihlahla somudoni eduze nesomkhiwane Manje umbuzo uwodwa umfana owawulokhu umuhlupha umfana ukuthi khona
uma efuna ukweqa lapha ejele uyokweqa kanjani ngoba besesiqhingini Laqhubeka ikhehla lamulandisa, mfana wami
Mina ngizoshona ekushoneni kwami abonogada balelijele abasihambisi isidumbu somuntu kubo,kodwa basiphonsa
olwandle kuphele kanjalo sidliwe ngoShaka Kwamuphatha kabi ukuzwa lokho umfana,laqhubeka lamlandisa
ikhehla uma mina sengishonile bazongifaka esakeni onogada bangilahlele phansi olwandle Wena mfana wami
uma sebengifake esakeni,angithi abasilahli emini isidumbu somuntu basilahla ebusuku Ethule elilalele ikhehla
umfana lapho naye uyabona ukuthi liyahamba ngempela lapha emhlabeni Mfana wami kuqhubeka lona ikhehla uma
sebengifake esakeni onogada ubofika usithathe isidumbu sami usise egumbini lakho kungene wena esakeni,
iyona ndlela ozokwazi ukuhamba ngayo lapha ejele Nangempela kwasa ngakusasa ethule kuleligumbi lakhe
elalele ukuthi ngabe kwenzakalani kuleligumbi lekhehla Kwathi Nangempela ntambama ethi uyalivakashela
Ikhehla ,wathuka efica selishonile sebelifake esakeni onogada Akabange esalokhu ehlupha walihhudulela
egumbini lakhe,kwanguye ongena esakeni Nangempela ngezikhathi zezintatha-kusa ekuseni bafika onogada
balithatha isaka ebelikade linekhehla bayolilahla olwandle Kuthe sebelilahlile isaka elinomfana
waphuma wazama wagwedla, nhlanhla leyo kulesisiqhingi kunamatilosi azizamela ubamba ofishi Abe
esemubona umfana amunika usizo amugibeza esikebheni Ngakusasa ways kulesisihlahla abesiyalelwe
yikhehla abeboshwe nalo wathola imali naye angayengakwazi ngisho nokuyibala Waceba kanjalo
umfana kodwa elokhu elikhumbule njalo ikhehla lakhe lasejele
Cosi Cosi yaphela
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |