Insumo explained

Insumo inganekwane ewuhlobo oluthile kwizinhlobo ezinhlanu zezinganekwane esesizibalile, insumo yona inhloso yayo ukufundisa abasuke beyilalele isifundo isithile, inhloso yayo ukudlulisa umlayezo othile kodwa kusetshenziswa inganekwane, okungaba umlayezo wenhlonipho, umlayezo wokuthi abantu mabaziphathe kahle, umlayezo wokuthi ubuqili akuyona into enhle. njalo njalo.

Ukufunda ngezinganekwane

Izinhlobo zezinganekwane:

Inganekwane yenkawu nengwenya

Kwasukasukela
Kwakukhona izinkawu ezazihlala ehlathini eliseceleni komfula omkhulu owawunezingwenya. Emfuleni kuhlala umndeni wezingwenya ugogo wakhona emndenini wezingwenya wayegulelukufa. Kudingeka athole inhliziyo yenkawu ukuze asinde. Kodwa kungekhoqhinga lokubamba inkawu ngoba zazigxumela phezulu eyhlahleni. Langa limbe umntwana wengwenya wabhukudela ngasosebeni lomfula kanti uzobona umntwana wenkawu ezidlalela ezihlahlani. Wathi "sawbona" esho kumntwana wenkawu nebala wavuma wacela ukuba umngani wakhe.
Umntwana wenkawu wavumela phezulu wathi " ngiyavuma kwaphela nje uma uzongifundisa ukubhukuda" nebala wathi umntwana wengwenya ubala lolo gxumela la emhlane wami ngikufundise. Babhukuda baya phakathi nesiziba lapho umntwana wenkawu angeke esakhona khona ukugxumela esihlahleni. Wathi untwana wengwenya empeleni ugogo wami ugulela ukufa so kudingeka inhliziyo yenkawu ukuze asinde.
Inkawu yahleka kakhulu yathi" hhawu kodwa mngani wami awungitshelanga ngani ngikunike siseselengaphandle ngoba thina zinkawu izinhliyo zethu azikho kithi sizibeka ezihlahleni ngoba ziyasinda asikhoni ukugxuma kahle mazikithi, asibuyele emuva ngiyokunika ukuze ugogo wakho asinde" nempela yibo labaya bebuyela osebeni lomfula inkawu yagxuma yathi ingabamba isihlahla yahleka kakhuuuulu yathi" silima sengwenya wake wambonaphi umuntu ongaphila ngaphandle kwenhliziyo, angisoze ngiphinde ngithembe ingwenya" nanamhlanje izinkawu aziphindanga zalubeka emfuleni
Cosi cosi yaphela

Inganekwane yebhubesi noNogwaja

Kwasuka sukela
Kwakukhona uNogwaja ne bhubesi kwathi ngelinye ilanga uNogwaja wahamba wayovakashela ibhubesi wafika ibhubesi lifa indlala wathi "kwenzenjani bhubesi" lathi ibhubesi "ngiyafa yindlala" wathi Nogwaja "Mina nginesu" wathi "iliphi lelosu?" wathi "wena uzokwenza engathi ufile bese Mina ngzobiza izilwane ngithi usufile bese ubamba okukodwa" nange mpela wenza njalo wenza engathi ufile wahamba uNogwaja wayomemeza ehlathini wathi "gijimani nizobona inkosi ifile" zeza zonke zangena endlini nangempela waphuma uNogwaja wavala ngaphandle wathi "bulala bhubesi wabulala wabulala ubhubesi baqeda lapho lapho bapheka kuthe sokuzo vuthwa wathi uNogwaja "uyabona lapha bhubesi" ekhomba phezulu ukuthi kunembobo "asambe siyoyi phesha" wathi ibhubesi "ohhh" bakhwela phezulu ibhubesi liyashayelela uNogwaja wathatha umsila webhubesi wawushayelela ensikeni wase eyehlika uNogwaja, wathi uyehla ubhubesi wabambeka wayidla Waze wayiqeda inyama uNogwaja
Cosi cosi yaphela

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

izincazelo zamaphupho

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo