yini Umndawe
Umndawe uyathanda ukuhluphekisana ngamabomu. ukucala umuncane ukhule nawe; uyakuyeka uqome/uqonywe uzale ingane ubese uyanehlukani; qede wona futhi uvele emaphusheni uzenze ubaba/umama wengane ukwenzise sex ukufakele isichitho more; uziphuphe nabo X usemanzini uma unomndawe wamanzi, usehlathi uma unomndawe waphezulu. Uphuphe uthenga esitolo, amandiya, abelungu isikolo, undiza, ulwa izimpi, use tax ini, ebhasini.
uhle ufika ukulayela imithi yokwelapha, noma isonto, ungakulayela ngisho ten wemasonto nezembatho ezahlukene, amabhayi ezangoma, ugida, uyakudida uyakulaya. ukulayele labakuloyayo khona uzoxabana nabo ulayeke, ngithi vele siloywa abomndeni.kani ngiwo futhi olala nawe ukufakele isinyama khona abathakathi bazokuloya ngezipoko nabotikoloshe namadliso kahle, uchithekelwe izisu ubenamabhadi more, khona uzohlale ukhala, ungabi nokujabula empilweni yakho ulayeke. ukutshele ukuthi zibulale, kufike leyomicabango, uthi uyazama uphinde wona uvimbe wehluleke.
Umndawe uzishintsha kanengi ngoba ungavela emaphusheni njengakhokho wakho noma ngumuphi khokho wakho, lingavela njengengane yakho; lingayiphuphisa nayo ingane. Lelidlozi leli liyinkinga lenkulu, noma ungathi uyalilalela kuyafana vele liye lifune kukucalisa enhluphekweni. Alihluleki lindawe kukwenta ushiywe ibhasi umise lift kani izoginqika, liphinde lona futhi likusindise kuleyongozi, uthole accident fund ujabule; libuye livale leyomali ingaphumi, ngelikade iphume maqede lilethe izinkinga ezingaphezulu kwalemali iphele ngokushesha. Alehluleki lindawe kukunikeza indoda/ichery lilinde ukuthi nithole ingane cede linehlukanise liphinde likunikeze omunye nakhona lilindze nizale ingane libuye linehlukanise, ubenabantwana abaningi from different fathers/mothers uzolayeka, likubuyelanise nabo X liphinde likwehlukanise again.
awuyokuthola ukuphumula uyoze wenze elikufunayo nakhona ngesikhathi sekuthanda lona cz wathi uyazenzela likuqondanisa nabogobela abazohluleka, bakweshele ngisho uyindoda noma bakuvale, uphelelwe imali. Izigulo emzimbeni kuyafiwa; ikhanda ukusindelwa amahlombe, isisu esikhukhumalayo, amazinyo, amehlo, izindlebe, ukukhathala, isicasucasu, izinso noma izinyawo, inkwantshu, amacala, ungazwelwa ngumuntu noma uhluphekile, basizane bodwana ekhaya wena baku curse..etc
idlozi umndawe
Uzokhumbula ukuthi sonke isibongo sake saba neNkosi yaso. Amakhosi abethi ngokukhothama angcwatshwe emigedeni. labo bantu basebukhosini abalala kulezozintaba nezinkinga eziningi abanafa banazo babese bayabuya esizukulwaneni sabo ukuze balungise lezonkinga zabo, ngolwimi lwesintu sithi ngamakhosi omgede lawo. Nakuba lobo bukhosi bahlaselwa kulezontaba babehlala kuzo emgedeni babulawa bonke, lokwa kudalo ngesikhathi sezimpi kodwa umuphefumulo yabo isekhona emigedeni, abelaphi basanezindlela zabo zokuyusebenzisa leyomiphefumulo abanye bayibiza ngegama amadoda omgede, ngiyo lemiphefumulo ehlanganiselwa amakhubalo ithunywe kungaba ukuginqa imoto, ukwenza umuntu azikhunge ukumuhlanyisa, ukulanda impahla elahlekile... etc. ubukhosi bakini ke baphela ngaleso sikhathi sezimpi(they were defeated). Ngako abokhokho bakho sebafuna ukubuvusa ngawe, ubakhulule ugcine lawomasiko njengoba bafa kabi ngako sekuthiwa unobizo ungenwe ngamakhosi omgede amakhosi aphezulu.
Kani Kuyaba nangumuntu owakini owaxoshwa ebukhosini bakini lokwa kisabusa bokhokho bakho kudalo ngamacala abewenza loyomuntu, thole ukithi waze wafa angahlanganiswangwa nomndeni wakhe indaba yakhe yangangenwa ngumuntu, useyazula usehlala emigedeni Kanye nabanye kulobo bukhosi abanawabo nabo amacala, uma ubazi ubukhosi bakudalo uzokwazi ukuthi kukancane ukuthi uthole uNkulunkulu lapho. Ngakoke labantu bahamba emhlabeni banamacala babewenza basaphila bavikela bukhosi, lomuntu ke owafa wangagcinelwa amasiko naye sithi ngumndawu waphezulu, idlozi lamakhosi idlozi lasezihlotsheni.
kuyaba umoya womuntu ongasiye owakini ngokwegazi, odabuka kwamanye amazwe eg Lesotho, Swaziland, Congo, Nigeria, Zimbabwe, Botswana, Tanzania. Noma umuntu odabuka kolunye uhlanga(tribe). Kudalo ngezikhathi zempi(mfecane wars or even before 18th century), izizwe zazihlaselana ukuze kudliwe umhlaba kwandiswe umncele, kudliwe izinkomo, kubangwa nezindawo zokuzingela. Labantu babethanda ukuhlala ezintabeni ukuze bazobhaca emigedeni uma bahlaselwa, bathanda nalapho kunemifula khona. Ngako uma kunempi izidumbu zazifakwa emanzini zihambe namanzi ezinye zisale zidindilizile ezintabeni nasemahlathini. Ngako lemiphefumulo yalabobantu(abelaphi) babelwa balwela abokhokho bakho bathembisene ama rewards faka phakathi ukwendiselwa umfazi. Babelwa ngokusebenzisa ikhubalo unfortunately basala enkundleni, izidumbu zabo zajikwa emifuleni kwavalwa ihlahla kulobo bukhosi bakini. wavela kanjalo ke umndawe wamanzi, umndawe waphansi, amakhosi angaphansi. Lemiphefumulo eyafa kabuhlungu kangaka ivuka esizukulwaneni ifuna ubulungiswa. Ingako nishadiswa emaphusheni namadoda eningawazi, ingoba lemindawe yabezizwe yathenjiswa ukuthi izoganiselwa, sewuhleli kuwe lomndawe ufuna umfazi wakhe. Kani nalapho ubukhosi bakini amandla bawo babusemifuleni ngaphansi kolwandle lapho babuphethwe khona, lamakhosi ayakwembatha ukuze kuvuke ubukhosi nabo noma isikhwama, ingako niphupha izingwe, ningaphansi kwamanzi, ozihlalo zobukhosi etc.
imindeni esiphuma kuyo ayizwani, kugciba kufika lapho khona loyo owenza amacala axoshwa; kudalo wawuxoshwa ekhaya uboshelwe imithwalo yize ungowakhona uyofela ezigangeni ngenca yamacala owenzile such as ukiphinga usisi wakho, ukubulala ilunga lomndeni etc. lomndawe wasezihlotsheni ohlala ezintabeni noma emifuleni ungena kuwe ngane ukuze umushwelezele(uthwase) uwunganise nomndeni,ubese ukunikeza isikhwama sokwelapha nangabe abewazi amakhambi, nangabe abengawazi uzothwasa nje ulungise isiko(umsamo wakini) nawuceda kuphelele lapho. lonake sithi ngumndawe waphezulu uma uhlala ezintabeni, wena uzohlushwa ukuphupha izintaba. sithi ngumndawe waphansi nangabe umufi uhlala emifuleni, wena uzohlushwa ukuphupha amanzi, mind u, lona ngumndawe kodwa akusiwo wamakhosi.
kuyaba idlozi langaphandle, umuntu abehamba ahlala alapha angumelaphi gcine asafele emizini yabantu kanti nelikubo alaziwa. Uzongena ingane yalesosibongo ngemvume yabadala abakhona abashona ukuze ashiye isikhwama, umcebo, yena ahlanganiswe nabakubo. umangabe lomelaphi uhlala ezintabeni wena sizokuthi unomndawe wabezizwe, umndawe waphezulu, kanjalo nangabe uhlala ezizibeni sizokuthi ngumndawe waphansi.
kuyaba ngumuntu owafa kuliwa ngezandla zomkhulu/abokhokho bakho. Kuleminyaka yayizolo nakuthangi bekubanesomiso kubangwe imincele namanzi. Kusuke impi kubulawe abantu bafakwe emfuleni bahambe namanzi. Abokhokho bakho babeqinisa impi yabo ngomuthi wabelaphi bathembise lomelaphi izinkomo noma umfazi Kani ngeshwa umelaphi uzosala enkundleni. Okanye bayilwe impi bayiwine bese abokhokho bakho abasafuni ukubhadala sebakhetha ukumubulala lomelaphi. Ngako lomufi uzongena enganeni yalesibongo abulawa kuso, abokhokho bakho bamudedele ngoba bayalazi iqala labo, nabo bafuna kusuleke igazi naloyomuntu ezandleni zabo, lohlobo ke lalomndawe lubanenhliziyo embi kuloyomndeni lisuke luphindisela lunesobhuku nesibulawela kuwe wena sizukulwane usuke uthwala amacala abazali bakho abokhokho.
Loluhlobo lwezimpi nomubango lusekhona nalamuhla nje, sibanga sodwa sakhelene silwe sibulalane ngezandla.ingako cishe sonkana layi Africa (Maybe and abroad) sinayo lemimoya yamandawe(93%). Okusho ukuthi baningi abasazohlushwa ngulomndawe, generations and generations to come. Kulohlobo lomndawe uhleze uhlushwa amaphupho ezimpi namasiko, abelungu, imali yamanye amazwe, amabhayi akwamanye amazwe..etc Uma lomelaphi wafela ezintabeni uzophupha izintaba, ngumndawe waphezulu loyo, uma umphefumulo wakhe waphumela emanzini lapho aphonswa khona, uzohlushwa amaphupho amanzi, lapho unomndawe waphansi.
Zilleh Dlamini
Mina ngingani cebisa ngokuthi ke umuntu athole imithi ethakwayo la ekhaya yokugeza idlozi ugeze bese nizijwayeza ukuphahla nisebenzise izibani, snuff, impuphu, if ujwayele umfula uphathe imali emhlophe kodwa uma uzazi bakufuna emanzini ungazijwayezi ukuya khona wedwa ngoba bangakuthatha, uphahle ukhuleke, kodwa ke ukuze libhoboke likhulume kumele ugide kakhulu but elinye once waligeza waphahla liyazi bhobokela lona okunye umkhulu akushilo ukuthi udle igobongo noku FEMBA kuyasiza kakhulu and enye into engayibona if uya kwezinye izinkonzo kubantu abangazi lutho ngomndae uthole ukuthi liyaqaqeka liphakame likhulume bese bethi unezizwe lapho ke liyaduba impela ngoba selithukiwe if uqhubeka nokuya khona ila likushaya khona uyoze ubone kumele uphume uligeze and kumele uhlale uhlanzekile ungenzi izinto zokungcola kodwa nje ukugida isinguni kuyasiza ukuthi liphakame
Vusi Maseko
Mina unfazi wami kudala ngimuhambisa ebantwini kuthiwa unedlozi.aphuza utswala everyday.sinabantwana aba2
Ugcine angibizela abantu ukuthi bazongibulala
Sihlukene Manje uthathe nabantwana ubayise kube.kungabe Yolo lelidlozi na.nami sengiyamsaba ngoba bekathi elwa aphule nezinto endlini
Kungabe Yolo ledlozi na
VN Mkhwanazi Mkhwanazi
Waybeka mkhulu lendaba besacela kenihlangane zindlondlo nisiphe ikhambi hayi kunzima uthi uyakugobela ngethembambaphela ngoba utshelwe yibo athuqala ukwenza kwakhe okungalu gile selibonekudala ukuthi useyaganga lidube uthiuyohola kujike kube uwena obona izinto zesangoma ngisho neyfihlozaso bese ungazi uthi uthi usebenzisa iziwasho zamanzi livele lingawfuni umuthi umuntu ophethe umuthi umuzwe engena esangwe ni umthakathi umbone esakgxobelumuthi kuthiwe ngekusebenze baze bathi uthwele kodwa uyahlupheka uvele ungabusazike manje
Aqobile Mhlapo
Ngonyama ngihlutshwanga mehlo ayarhawuzelela ngoku amaphupho wona yintoyam abafazibangishiye baze bawu2 know reason kunzima kum ngihlushwa ngamaqakala lazelangikhomba phesha komzimkhulu idlozi kunesiziba esiphatsikwe blorhokhona apho kunelali engekudelapho kunobaba onededrock entloko oyisangoma kunesibaya samatyelapho kuthiwa angiyekuye angisize manjemina ngingowase ngcobo zangendaya kwalapho sengicabanga ukuthi mangabe ingifika ngihamba ngilila ukuyofika emzimkhulu mabengibuza ngiphumaphi ngithi engcobo abazucabanga ukuthi ngizontshontsha iyinkomo zabo ngonyama or kofuneka ngiqine ekuphahleni ngonyama 👏👏
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Video efundisa ngemithi yonke
Funda ngemithi lapha ngezansi
A
I
U
UM
Amafutha