Umayime umuthi uyangena emithini eminingi evala izifo, uyangena kwintelezi yokuchela, uyangena emithini yokuvusa umnumzane

Mayime uses

Umayime umuthi uyathakwa neminye imithi lapho ufuna ukuvala isifo esibhubhisa umndeni ekhaya lapho abantu beshona ngenxa yomunye umuntu. Mayime Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni ukuze ubambe abathakathi. Uyangena emthini yokuvusa induku ime. Uyangena emithini ye business yokudonsa ama customer. Uyangena emithini yokususa isilwane.

Wenzani umuthi umayime Umuthi wempi umayime Umthi wempi usebenzisa umayime. umuthi wesithunzi umuthi wokuhlonipheka emsebenzini or emphakathini lapho ukhona bakuthathe serius. Umuthi wokuphatha abantu lona muhle kakhulu mayime

Umayime uyangena kakhulu emithini. Imithi yezimpi uyangena. Imithi yamalumbo ukhona umayime. Izintelezi zokubamba umthakathi ame Egcekeni uyangena . Nasi ke esinye i special samayime umisa imishado ime kuze kube naphakade Amen . Lokho ngikuchazela uma ngikunikeza wona ngoba akusiwo umuthi ongavesane uwusho nje mayelana nokumisa umuzi nemishado unikwa umuntu owaziyo ukuthi ufunani empilweni

isibunge seshishini isibunge sesigodlo sokuletha abantu esigodlweni, noma une business lakho noma isitolo lesibunge siyasebenza kakhulu ukulanda abathengi beze esitolo sakho.

Ukuphupha Umayime umuthi

Amaphupho ngomuthi Umayime, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi Umayime? Ukuphupha umuthi Umayime ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini? 

Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?