Amaphupho akhombisa ulaka lwabaphansi, amaphupho amadlozi. Lamaphupho akhombisa ukudinwa noma ukufulathelwa yidlozi.
- Ukuphupha ugogo , ubaba , umama, ubhuti, usisi wakho osashona ekubuka kabi noma ediniwe
- Ukuphupha abazali bakho asebeshona noma ngubani osewashona ekushaya noma ekuthuka noma ekuthethisa
- Ukuphupha imoto oyogibele iginqika, iwa, isha, amalangabo, ivutha , iphenduka umlotha
- ukuphupha imoto igijima ngesivinini esikhulu nawe uphakathi, kungenzeka uyayishayela noma uyigibele , kungaba
ibhasi (bus), itax (itekisi)
- Ukuphupha uxabana nomuntu osewashona, oshonile , *ofile , ongasaphili, osedlulile emhlabeni
- Ukuphupha izulu liduma, lihloma , liba mnyama, linetha kakhulu, liwisa amatshe, isiphepho, izikhukhula
- Ukuphupha isibhamu udutshulwa, izinhlamvu zingena, ukhonjwe ngesibhamu, umbese / ummese, ugwazwa
- Ukuphupha ushawa ngenduku / ngemvubu, ujikijelwa ngamatshe, uxoshwa ekhaya, uhamba ekhaya, udingiswa ,
uxabana nabantu or uxabana nabazali bakho or uxabana nosisi noma nobhuti wakho or ukuxabana nomndeni wakho
- Ukuphupha usukelwa izilwane, izinkomo (inkomo), ukhonkothwa izinja (inja) , usukelwa inyoka
- Ukuphupha ushiwa / ushiywa yi bhasi (bus) kuchaza umuntu oseduze nawe ozoshona
- Ukuphupha umuzi wakini uhlashelwa, abantu bakini beshawa - kuchaza imithi egadlayo kini noma idlozi elingajabule
- Ukuphupha Umlilo kuchaza ulaka lwabaphansi , kumele ubhasobhe,
uma unesikhathi iya kubantu ababonayo ubone ukuthi angeke bakutshele yini inkinga ikephi.
Lamaphupho onke achaza ulakwa lwamadlozi , kumele ubheke izindlela zakho, amanye amaphupho ayafika kuthina ngoba singawahlabeli
or ngoba singawakhumbuli, okunye okwenzekayo idlozi liyacasuka uma sifeba, sishintsha ama partner sisebenzisa imithi emibi.
Kubalulekile ukulungisa izindlela zakho.
*(umuntu akushiwo ukuthi uyafa, kuthiwa ushonile , ngenxa yolimu lwaku internet, ukuze si accomodate bonke abantu,
siyaye sisebenzise multiple words asho into eyodwa.
)
List amaphupho P4
Read more dreams below
Imithi iziwasho
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Read more ngamaphupho...