inyoni

Inyoni is a zulu word which means a bird, inyoni isilwane esindizayo esinobuhlobo nenkukhu, ngabe ukubona inyoni endlini kuchazani? ezinye izinyoni zithunyelwa ngabathakathi, inyoni iyaliletha ilumbo ekhaya, ukuphupha inyoni kungachaza izinto eziningi ezahlekene ngoba izinyoni kazifani, ukuphupha ilanda ngeke kufane nokuphupha isikhova. izinyoni ziyasetshenziswa ekwelapheni , izinyoni ezisetshenziswa yizangoma nezinyanga kubalwa lezi: isikhova, umvemve, iqola, isiphikeleli, ufukwe.

izinyoni zamabhadi, kuthiwa uthekwane inyoni yamabhadi awubulawa uthekwane, ngoba kuyanetha, uma uthekwane unyele idlu yakini, noma undiza uzungeza umuzi lokho kubika ibhadi elimbi. isikhova futhi akumele sikhale eduze komuzi ngoba siyinyoni yabathakathi, sibika umoya omubi.

Izinyoni ezingadliwa, kunezinyoni ezidliwa ngabantu abadala kuphela, inyoni yasekhaya ispelo kayidliwa izingane ezincane idliwa ogogo abadala, inyoni umaina (umanguboendala) nayo kayidliwa abantu abasha.

Izinyoni ezifana namajuba, amagwababa ziwuhlupho ezitshalweni, uma utshalile ufuna ukuxosha izinyoni, kumele uthole ama cd , uwalengise ezitshalweni, noma wenze isichushe, lento eyenziwa ngezinto nezingubo efana nomuntu, esetshenziselwa ukuxosha izinkawo kanye nezinyoni emasimini.

Inyoni emhlophe ibiza ngelanda, ilanda lidla amaqhikizane ezinkomeni, libonakala ebusika kuphela, ehlobo amalande ayahamba kwazulu natal, kungenzeka ukuthi aya kwamanye amazwe lapho kuyi winter khona, kushuthi yinyoni lena engawasabi amakhaza.

Inyoni emnyanga isikhathi esiningi kuba yigwababa, igwababa linomsindo , amanye amanyama yonke indawo, amanye amanyama nokuba mhlophe, enye inyoni emnyama suce yonke indawo yintengu.

Uhlobo luni lwenyoni ivukuthu?

Izilwane uma zingena endlini izincazelo

Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

izincazelo zamaphupho

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo