Inyoka yabafazi, zimbili izinyoka zabafazi kunenyoka yabafazi ebizwa ngokuthi umamlambo, bese kuba nesilwane esibizwe ngenkume lesosilwane sibizwa ngenyoka yabafazi futho.
Inyoka yedlozi, kungaba yinyoka eluhlaza efika ekhaya izovakasha, ichaza ukuthi idlosi likhona linibhekile. Lenyoka eluhlaza iyahloniswa esizweni samazulu kayibulawa. Inyoka endlini? kuchazani ukungena kwenyoka engekho luhlaza endlini? inyoka engeyona yedlozi kumele niyikhiphe endlini, iyingozi. Inyoka yabantu abadala yasekhaya.
ukuthwala ngenyoka, kushuke kungashiwo inyoka yangempela ephilayo edla amagundane kodwa yinyoka engumoya, uma umuntu ephethe inyoka enkulu ethi uthwele ngenyoka lowomuntu usuke eqamba amanga, inyoka yokuthwala ayibonakali, awuhambi uyiphethe emphakathi, lezinyoka eziphathwa yizinyanga zingama pet snakes. nabelungu bayazifuya lezonyoka. Inyoka yemali kusayiyona inyoka yokuthwala, yinyoka lena ekugadela ama business akho wonke abantu bangakwazi ngisho ukutshontsha futhi ilethe ama customer kwi business yakho.
Inyoka yamanzi ngesizulu ibizwa ngevuzamanzi, bese kuba khona inyoka yamanzi emayelana nokuthwala, kunenyoka yamanzi futhi lena elandwa yizangoma ezithwasa ngaphansi kwamanzi, ziyayilanda ngosuku lokugcina lokuthwasa, ekhaya ifike idliwe leyonyoka, Enye inyoka futhi ehlala ngaphansi kwamanzi inkanyamba ezwana nezindawo ezinamanzi, uma isuka ihamba kuba nesiphepho, inkanyambake iyinyoka engumoya ngoba ayibonakalali, kubonakala izenzo zayo kuphela.
Inyoka emhlophe yona kuthiwa inyoka yenhlanhla. isnake esimhlophe asijwayelekile angikaze ngisibone ehlathini. Ngikhule ngelusa impela, ngangingakaze ngihlangane nayo, hlambe kuyinhlanhla ukuyibona uma ikhona emahlathini. Ukubona inyoka emhlophe ephusheni kona kuchazani? Ukuphupha inyoka emhlophe kungase kuchaze inhlanhla nokuhamba kahle kwezinto. Ukuphupha ushawa yinyoka kodwa kuchaza ukuthwasa, ugogo wami wathwasa ngosuku aphothula ngalo waphupha eshawa yinyoka.
Inyoka esiswini kusuke kuchazwa inyoka engabonakali, ewumoya, abantu abanenyoka esiswini ikakhulu basuke beqisiwe, yenziwa ngumeqo, umbhulelo, uzwa into ekuhambayo esiswini ezwakala sengathi yinyoka.
Izinhlobo zezinyok ziningi izinhlobo zezinyoka , amafuthi, isikhumba senyoka kuyasebenza emithini, Ngabe iyadliwa yini inyoka, yebo inyoka iyadliwa kodwa kumele uyaphele ino poison inyoka, akuzona zonke ezidliwayo, futhi kumele uqaphele amathambi ayo angakuhlabi, kumele uyiphekisise. izinhlobo zezinyoka: imamba emnyama, imamba eluhlaza, imfezi, ibululu, inhlangwane, ivuzamanzi, umdlambila, inyoka ephuzi.
Umdlambila inyoka enekhanda lembila, lenyoka iphil ngokudla izimbila, ihlala emigedeni nasemaweni, ematsheni amakhulu lapho kuhlala khona izimbila. Ngabe iyingozi yini lenyoka? yebo wuhlobo lwenyoka eyingozi, singazi noma iyinkolelo yini, ngoba akekho engimaziyo owake wayibona. Abanye bathi uma uwubonile uyafa. Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili ngabe khona kuchazani? Kuchaza ibhadi or ukuhlangana nesimo esingekho sihle kahle.
"inyoka yobhedu, wayixhoma esibondeni eside; kwathi, yakuba ithe inyoka yamluma umntu", Leli verse licashunwe kwi bible lesixhosa. izimngaliso ze bible lapho zikhuluma khona ngenyoka ka moses egila izimanga.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |