Umayisaka obovu or obomvu wenzani

Umayisaka obovu umuthi wenzani? Uyangena kumuthi we business. Uyangena emthini wokususa isichitho, uyangena emthini wokususa isinyama, uyangena emthini wedlozi. Uyangena emthini yomsebenzi. Uyangena kwincweba yasokhalweni. Uyabelethela egcekeni. Uyangena emthini yokubuyisa okulahlekile, uyangena kwisikhafulo, uyangena emithini yokudlula emaphoyiseni, ezigebengwini, nakumapara

isibunge seshishini isibunge sesigodlo sokuletha abantu esigodlweni, noma une business lakho noma isitolo lesibunge siyasebenza kakhulu ukulanda abathengi beze esitolo sakho.

Umuthi wokulanda isikweletu kulabo abakukweleta imali.

Mthathe/Mthathi isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuhlonipheka, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini we business, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuxosha izilwane, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuphindisela kumthakathi nokucupha umthakathi. Umthathe njengoba igama lisho uyawutshela ukuthi awumthathe uthathkwa neminye imithi uma uwutshelile, uthakwe kahle, uyamthatha ngempela lowomuntu.
Mthole isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo, uyangena kumuthi wokuthandeka, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yedlozi.
Mndiza isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokususa isichitho.
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke