Isibhaga, isibhaha wenzani

Isibhaga, isibhaha umuthi? Lomuthi uyangena lapho ulahlekelwe ufuna ukuthola into. Siyangena kumuthi wenhlanhla yemali, uyangena kumuthi wezitha. Siyangena emthini wokukhipha isichitho. Siyangena kwidliso lokudla elihambisana nezinsila. Uyangena kumuthi wokufuna isikweletu. Siyasebenza emuthini yezitha, nemithi emayelana nokucupha abathakathi. Siyangena kwizibhobo, izinsizi, ukucupha, futhi isibhaha siyazwana nesikhali. Sifake emlonyeni uma ulala bonke abakwenza okubi bazozivelela ephusheni dark or blue. Silapha nezifo isibhaha. ISbhaga siyangena emthini wokuthola okulahlekile. Siyangena emthini yokubethela.

Umuthi wokuhlakaza izitha othakwe ngesibhaha, lapha ngezansi sizobheka isibonelo somuthi owenziwe ngesibhaha wokushaya izitha.

Buyisela imithi emuva kubathakathi

Phindisa imithi emuva kumthakathi umzwise lento azama ukukuzwisa yona. Lenduku idlala kamnandi ngoba kukhona umkhondweni nguye ozofuna umthakashana lapha ekhona aze atholakale, Ncinda ukhulume ubuyisele izinduku emuva kumthakathi.

Umfene Shozi Siyasiza Uma uhlushwa uvalo isibhaha. Isibhaha siyasiza Uma uhlushwa umthakathi Sisodwa umthakathi uqhuma igazi ngamakhala. Isibhaha siyageza Uma uhlushwa. Umthakathi uyageza ngaso umthakathi uzwa sengathi uyasha. Isibhaha sisodwa siyaliqeda ikhanda. Isibhaha sisodwa futhi siyaliqeda imimoya emibi ekhaya uchele ngaso kuphela kuleka imvukuzane. Isibhaha senza izinto eziningi kakhulu udoti womuthi lowo

Baba umajozi uku add phezu kwakubalile ubaba umfene, isibhaha siyangena emthini yokubulala eminye imithi, isibhaha siyangena emthini wokulanda isikweletu, landela igama elithi amazwi ahlabayo, siyangena emthini yokuphindisa izinto emuva, siyangena ebhandeni lokulwa, siyangena emithini yokukhipha okubi okukuwena njengesichitho, siyangena emithini yokuthakatha, angeke usiqede isibhaha

umuthi wokuphindisa izinduku emuva. Chela ikhulumise uphindise emuva iyagquma iyageza iyaphalaza

Umuthi wokubuyisa isikweletu kulabo abakukweleta imali.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 

Udakwa, intana ebomvu, Dakwa isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Usetshenziswa emithini emayelana namadlozi. Usetshenziswa emithini yokuxosha isilwane. Usetshenziswa emithini yokubulala imithi, iyangena emithini yokuchela, usetshenziswa emithini yokugada impahla Kanye nekhaya. Udakwa uyangena kumuthi wokucupha izithandani, abathandanayo bathi bengena embhedeni balale or bazunywe ubuthongo obude. Usetshenziswa emithini yokubuyisa umqondo kubantu abahanjelwa umqondo.
Ikhanyisa isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Usetshenziswa emithini emayelana namadlozi. Usetshenziswa emithini yokukhumbula amaphupho. Usetshenziswa emithini yokufuna umsebenzi. Lomuthi ukhanyisa zonke izinto zakho.
Vulandlela isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokukhumbula amaphupho. Usetshenziswa emithini yokuvula izinto ezivaliwe. Usetshenziswa emithini wokuvula idlozi, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokususa isinyama, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuvula okuhle okuyimpumelelo. Ukucela umsebenzi. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwigobongo. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yenhlanhla.



Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke