Isoka lakwazulu umuthi

Isoka lakazulu umuthi wamasoka lona uyasenza isiqgabo sothando uthakwe neminye imithi ogeza ngayo ihlangene, ubize umuntu ngegama bese uqonqgo kuyena. Isoka lakwazulu umuthi uyangena emithini yokuthandeka. Uyangena emithini yesikhundla emsebenzini nasemphakathini, iyangena emthini yokuhlonipheka.

Isoka lakwazulu umuthi ukuphupha umuthi isoka lwakwazulu Amaphupho ngomuntu oyisoka lakwazulu ngabe kuchazani? Ukuphupha amagxolo omuthi isoka lwakwazulu or usebenzisa umuthi isokwa lwakwazulu ngabe kuchazani?

Umuthi wamasoka wokuthandeka nogazi

umuthi wokushela lona kulabo abasashela, umuthi oyisihlanzi, umuthi wogazi lona. Umuthi wenhlanhla lona, Umuthi wokuthandwa izintombi or uma uyintokazi umuntu wokuthandwa amadoda lona. Ucacisa izinto, uletha inhlanhla, ukwenza uthandeke abantu bakukhonze futhi. Awunabungozi. Ake sithake amakhambi sikwenze uthandeke kakhulu abantu bonke. Qguma or futha ngalomuthi, phalaza ngalomuthi, geza ngalomuthi.

I FEMBO isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Ukuxazulula izinkinga zedlozi, ujwayele kakhulu abantu ababonayo, wenza idlozi lisebenze, ukhuphula idlozi, umuthi ogeza idlozi, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuqawa izibopho empilweni. Umuthi wokususa isilwane. Uyasusa isinyama futhi.
Foshela isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisibango, uyangena emithi yokuthandeka, umuthi wezintombi. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokufuna umsebenzi. Uyafutha, uyaphalaza
Gibeleweni isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Ukucupha ithuna, ukubuyisa okutshontshiwe, uyangena futhi kwisikhafulo. Umuthi wokubamba umthakathi noma wokucupha umthakathi. Uyelapha ufufunyane.


Indlela yokusebenzisa imithi yesintu

Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:

  • Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
  • Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
  • Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
  • Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
  • Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.

Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.

Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?