ukubulawa kwabantu besifazane Kanye nezingane yinto uhulumeni okumele ayibhekisise umsuka wakho ukuthi kwenziwa yini futhi kungaqedwa kanjani? Ake siqale ngabantu besifazane kumele bawazi amalungelo abo ukuthi uma indoda ikuhlukumeza unalo ilungelo lokushiya othandweni noma ngabe ushadile, isikhathi esiningi abantu besifazane ababulawayo basuke kade behlukumezeka othandweni, kuhle ushiye lento isaqala angaze akubulale.
Ukubulawa kwabantu besifazane nezingane yicala, ababulalayo kumele babhekane nengalo yomthetho. Amaphoyisa kanye nenkantolo kumele benze umsebenzi wabo ukuze abenza okubi bezoboshwa lokhu kube yisibonelo nakwabanye abangabahloniphi abantu besifazane kanye nezingane.
Singagxeka abantu besilisa kuyenzeka abantu besifazane nabo babe nesandla ekubulaweni kwabo lapha ke sesisebenzisa inkolelo yomuthi wasemandulo, umuthi oyidliso uyayenza indoda ihlanye, ibe nesikhwele , yenze izinto ezingasile igade umuntu wesifazane. Inkingake othisha abakholelwa kwidliso ngoba bona bafundile so ungaliyeka leliphuzu.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |