Inkulumo elungiselelwe inhlupheko yenzeka emazweni lapho uhulumeni engabanaki abantu abadla imbuya ngothi, uma uhulumeni evula amathuba emisebenzi ngendlela ehambisana nabahlali bendawo inhlupheko iyancika, kodwa akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela ukunqanda inhlupheko, isibonelo: uma uphuza utshwala uxoshwa emsebenzini bese izingane zakho ziyalamba, angeke sagxeka uhulumeni lapho ngoba nguwe ozenzile, nguwe olethe ukuhlupheka emndenini wakho ngokungathathi serius isinkwa sakho nezingane zakho.
Ukuhlupheka kwakho ke makungakwenzisi ubugebengu ungathi uma uhluphekile bese ucabanga izinto ezingasile ngoba uzolala ejele lokho kuzolanda okukhulu ukuhlupheka futhi ngoba wophuma ejele umhlaba usakulindile inhlupheko iqale phansi. Kuningi esingakwenza ukuxosha inhlupheko njengokuzitshalela abantu basemakhaya banamasimu alele , kodwa okhokho bethu babephila ngokutshala balime ngaphambi kokufika kwabelungu, singahlulwa yinike nathi ukuthatha amageja silime na? Ungazibizeli inhlupheko ngokuthi ulale amathuba onikwe wona, siyabona abanye bethunywa esikoleni bona bafike bazidakelwe wutshwala, abazali bethu bayoshona ngelinye ilanga yithi okuyomele sixoshe ikati eziko.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |