inkulumo elungiselelwe ngaphansi kwesihloko esithi Inkolo namasiko kuyamakha umuntu . Kuhle uqale uchaze kuqala kwisingeniso ukuthi iyini inkolo? chaza futhi ukuthi luyini usiko? chaza futhi ukuthi kuchaza ukuthini ukuthi umuntu uyakheka.
Usiko kanye nenkolo kokubili kuyasifundisa ukuthi uma senza kanje empilweni sizozuza ekugcineni. Ake sithathe isibonelo sombhalo wenkolo, ithi inkolo Thanda umakhelwane njengoba uzithanda wena, lokhu kuchaza ukuthi thanda wonke umuntu ungazondi muntu, uma ulandela lomyalelo, uzophila kahle nabanye abantu, angeke ube nezitha, angeke uxabane nabanye abantu. Inkolo iyakufundisa indlela oqgoka ngayo ehloniphekile,
ukuhlonipha kuyinxenye yosiko lwakwazulu, kanjalo nosiko luyasifundisa inhlonipho, isibonelo usiko lusifundisa ukuthi wonke umuntu omdala umthatha njengomzali kuwena umhloniphe, usiko mpilo futhi lusifundisa ukuthi uma umdala uyamhlonipha omncane. kunanesaga esichazwa ngokuthi umuntu wesifazane uhlonipha nalapho engashadele khona. Hambake uyosifuna lesosaga.
Inkolo namasiko kuyamakha umuntu isihloko sakwa grade 12 inkulumo elungiselelwe inkolo nosiko kokubili kuyaqguqguzela ukuthi umuntu aziphathe kahle. usiko lwesizulu luqguqguzela ukuthi umuntu wesifazane makazigcine angalali nowesilisa aze ashade, uma enze kanjalo kuba nenkomo efakwa ezinkomeni zelobolo, inkolo ngokunjalo isifundisa ukuthi kuyisono ukulala ngaphandle komshado, lezibonelo zombili zenzelwe ukuthi abantu baziphathe kahle bangahambi belala. noma sewushadile usiko lwesizulu aluvumeli umuntu wesifazane oshadile alale ngaphandle, ngokunjalo nenkolo ayikuvumeli lokho, bekuyizibonelo lezo ezenza ukuthi umuntu aqoqeke aphile impilo ehlanzekile.
Inkolo and usiko kokubili kusinikeza imithetho yokuthi siziqoqe, siphile impilo ehlanzekile, singatshontshi, singalwi, singashayani, sikwazi ukuphilisana njengomphakathi. inkolo inomthetho olula othi umzimba ithembeli likankulunkulu lokhu kuchaza ukuthi zihloniphe, ungagangi ngomzimba, lezo bekuyizibonelo zokuthi uma ulandela inkolo nosiko uzokwekha ukhule ube ngumuntu oqotho.
ubudlelwano benkolo namasiko kuyaba kuhle kube kubi, sike sizwe abafundisi bamasonto asindisiwe begxeka usiko kanye kokuhlaba, kunabantu abaze basho ukuthi ukuhlaba kungamadimoni, kubekhona amasonto angenankinga ngokuhlaba ahambisana nakho ukuhlaba, inkinga isekutheni umuntu yena ukholelwa kuphi, abanye abantu bakholelwa ukuthi ukushada komuntu wesifazane kumele kube nenyongo kodwa emasontweni asindisiwe ayenziwa indaba yenyongo, esimnweni esikanje uthola omalume abahambisana nosiko bengathokizi uma umshana wabo eshada ngesimo sesonto kuphela, laphoke sithola ukunqubuzana phakathi kosiko kanye nenkolo. lapho ke abangakholwa angeke bavume izinto zenziwe ngaphandle kosiko, nabakholwane angeke nabo bavume kwenziwe usiko ngoba abalifuni, esimnweni esikanje nithi akwenziwe kanjani ke bafundi?
UJeremiya 27:9 BEN Ngakho lingabalaleli abaphrofethi benu, izanuse zenu, abachazi bamaphupho, izangoma zenu loba izinyanga zenu ezithi kini, kaliyikuyisebenzela inkosi yaseBhabhiloni. uma unenkinga ngokwesintu uyahamba uye kwizangoma uyohlola ukuthi yini engahambi kahle, uma uzokwenza umsebenzi uke uyohlola esangomeni uthole ukuthi akuzoba nankinga yini wenze umsebenzi, nali iversi le bible likuhlaba likuhlikiza ukuya ezangomeni, okusho ukuthi kunodweshu phakathi kwenkolo nosiko, ukuze wenze usiko kumele wephule umthetho we bible.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |