Izinyosi

Uju lwezinyosi namakhekheba ezinyosi ayangena emithi yokuceba nemithi yemali, futhi ayangena emithi eyenza ukuthi imfuyo yande ibeningi, igama elithi amakhekhe ezinyosi lihlukile ngezigodi, esigodini sami sithi amaqeba ezinyosi, kwezinye izindawo kuthiwa amaqebelengwane, kwezinye izindawo kuthiwa amakhekheba ezinyosi. Bese kubakhona amagximfi, amagximfi amaqeda ezinyosi amhlophe anezinyosi ezincane ezisangamachwane, kubalulekile ukwazi umahluko walokhu ukuze ungasebenzisi okuwrongo, amakhekheba wona ilawa aba noju noma novovo, uvovo kuyilokhu okungathi isikhuphasha okuphuma emaqebeni. Uvovo ujwayele ukuba ngumbala o-yellow noma o-orange, utholakala lapho izinyosi sezindala, sezihlale isikhathi eside endaweni, izinyosi ezihlale endaweni isikhathi eside ngathi sizibiza ngo-loto. Isikhathi esiningi ziba sematsheni lezonyosi azitapeki, uma kwezekile ke nazitapa, kuke kuphume amaqeba avalekile sengathi isikwa, uju lube ngaphakatho, uloto lujwayele ukube nenyoka imamba. Izinyosi ezinemamba ziba nolaka kakhulu futhi ziyasukela, zikulanda ukude. Ukuphupha uju lwezinyosi kungachaza ukuba nomcebo.

Bees play a significant role in various African rituals and traditions, often symbolizing spirituality, community, and prosperity. Here are some examples of rituals involving bees: In many African cultures, honey is used as an offering to ancestors or deities during rituals. It symbolizes sweetness, abundance, and a connection to the spiritual realm. The behavior of bees, such as swarming or hive locations, is sometimes interpreted as messages from ancestors or spirits. Rituals may be performed to understand or honor these messages. Honey is often included in traditional marriage ceremonies as a symbol of sweetness and harmony in the union. It may be used in blessings or shared between the couple. Bee products like honey, beeswax, and propolis are used in traditional healing practices. They are believed to have both physical and spiritual healing properties. In some African communities, bees are associated with rain and fertility. Rituals involving bees or honey may be conducted to invoke rain and ensure agricultural success.

izinyosi

Inyosi eyodwa noma ezimbili endlini azibizi isifo kodwa izinyosi zonke isidleke uma zingena endlini phakathi lokho kubiza isifo, kumele uthunyise impepho lokho uma kwenzeka. Akumele zibe ningi kakhulu if kwabadala bakin zingaba3 or 4 kunenkulomo okungamele uke ugaye umqombothi coz lezo zyazihambela Zona akuze kudingwe kuth uzixoshe, Masezingi kakhulu ay kungaba isifo. Inyosi eyodwa noma ezimbili kungenzeka abantu abadala kukhona abakucelayo.

Ingede Inyoni elingene nje, evamise ehlanzeni. Lenyoni idume ngokuholela abantu lapho kunezinyosi khona. Ikwazi ukwenza lokhu ngoba idla khona nayo, ivame ukucothela lapho izinyosi zingakaphaphami ngomqondo ekuseni izidlele amaqhimiza. Uma umuntu efuna uju uye ayishayele ikhwela ngendlela ethile bese iqhamuke ikuholele khona, kanti nayo isanokuzifikela ikulayele. Ukuxhumana kwabantu kanye nezilwane yinto endala kakhulu, kwakuyiyona indlela yokuphila. Ungayishayi ingede ngoju: Lesi saga sexwayisa ukuba ubobonakalisa ukubonga ngendlela efanele kwabakusizile. Akukhombisi umbongo ukuyishaya ngoju ngoba sewesuthi esikhundleni sokuba uyibekele amaqhimiza izidlele kahle. Ingede phela njengoba ikuholela ezinyosini, uma uyenze kabi wangayibekela emva kokuthi ikusizile, ngelinye ilanga izokulanda ikuholele enyokeni.

Dudu wase Mkhumbane Sanibona Sacela kubuza kuchazani ukuphupha izinyosi eziningi?

Inkosi yamaNuba Ngyabingelela, kuchazani ukuphupha utinyelwa izinyosi eziningi.

Umbuzo Kuchazani ukuphupha izinyosi ziza kuwena ziningi uzivika ngoba ngizisaba😪?

Sanibona Kusuke kuchazani ukuphupha izinyosi eziningi zikukakile kodwa zingakulumi?



Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 

Mahlokoloza isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Izinkinga zomchamo oshisayo, izinkinga zesinye, iphika, izinhlungu zomzimba, izilonda, ama ulcers. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokususa izibopho. Umusa isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuthandeka. Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini webusiness. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. Iyangena emithini wemali. Iyangena kwidliso. Iyangena emithini yomsebenzi.
Mthunyelelwa isihlahla umsebenzi waso? Sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuthola okulahlekile. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. Uyangena kumuthi ofakwa kwi cv, umuthi wokubuyisela kubathakathi. Umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokubuyisa isikweletu.