INGOBA NDLOVU / gobandlovu wenzani
NGOBA NDLOVU / gobandlovu umuthi wenzani? Uyangena kwizikhafulo, uyasikhipha isilwane. Uyageza ngalo neminye imithi before ulale no partner as idliso locansi, liyawasha amashidi futhi ulale nomuntu as isibambelelo. Lomuthi uyangena kwidliso locansi, uyangena kwisigezo esikhothwayo, uyangena kwizincabo zocansi, uyangena emthini yokubethela ekhaya. Uyangena emithini yokukhuluma nomuntu enze akushoyo.
Igobandlovu umuthi uses
Igobandlovu is used for
Igobandlovu umuthi wesizulu uyagquma uyageza ngawo . Wenza izinto eziningi lomuthi uyakwazi ukusebenzisa ukubuyiseni umuntu owawuthandana naye, uyakwazi ukucela izinto kuwona noma ngabe yini oyifunayo, uyawusebenzisa kakhulu ekufuneni umsebenzi, umuthi wokuthandwa abelungu emsebenzini bakunyusele esikhudleni, badedele imali enengi . Uma kunomuntu okukweladayo uyasebenzisa lomuthi ekutheni umuntu abuyise imali yakho .
Igobandlovu ekwelapheni
Igobandlovu umuthi wokwelapha namuhla ake sizame ukujula ngempande sibone kuthi impilo siyisindisa kanjani uma umelaphi angekho eduze size sifike kumelaphi
umphefumulo usahlangene nenyama. Umeqo nesifo sezinyawo kuyingozi engeqiwa ntwala,umeqo unokushaya unyawo kubenzima
nokulisukumisa, thola u
- Manyazini
- Maphipha
- Isibiba sandiya
- Gobandlovu
- Ngobamakhosi
gaya kube yimpuphu ushise into engamakhezo amabili wenze isigcabo, omunye uwenze imbiza uphuze nawe usuphilile.
Igobandlovu umuthi siyawufaka emithini yedlozi
Umsebenzi wegobandlovu ekususeni idlozi elibi uvule ukukhanya
Futha, phalaza, ukhulume uthi idlozi elibi alisuke kuwena, uzobona umsebenzi uzovela,
imali izovela.
Umuthi wokuthandwa
Lomuthi uyipackage wonke uyahambisana,
muhle uma kunabantu abavele bakuzonde ungenzile lutho.
Step 1
Uphalaze izinsuku ezinthathu bese
Step 2
Bese uza ngalona
Step 3 (Last step)
Uzothi uma uya kubantu labo abakuzondayo noma uya emzini kuwu december uphalaze ngalona.
Noma uhamba uyoshela, noma uhamba uyofuna umsebenzi.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Indlela yokusebenzisa imithi yesintu
Imithi yesintu isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Nazi izindlela ezijwayelekile zokusetshenzisa imithi:
- Ukuphalaza - Ukuphuza umuthi oxutshiwe bese uhlanza (ubuyelisa). Lokhu kuhlanza isisu kanye nomzimba. Umuthi uxutshwa emanzini abandayo noma ashisayo bese uphuzwa ekuseni ungakadli.
- Ukugeza - Ukugeza ngomuthi emzimbeni wonke. Umuthi ufakwa emanzini ashisayo bese ugeza ngawo umzimba wonke, ikakhulukazi ubuso nezandla. Lokhu kusiza ukukhipha amashwa nokuhlanza umoya.
- Ukufutha - Ukuhlala phezu kwebhodwe elibilayo elinomuthi, uzimboze ngengubo. Umhwamuko womuthi ungena emzimbeni ngesikhumba. Lokhu kusiza ukuvula amathuba nokukhipha izinto ezimbi emzimbeni.
- Ukuchatha - Ukufaka umuthi ngomzimba wangasese. Lendlela isetshenziswa kakhulu lapho kudingeka umuthi ungene emzimbeni ngokushesha.
- Ukushunqisa - Ukushisa umuthi owomile bese uphefumulela intuthu yawo. Impepho iyisibonelo esikhulu somuthi oshunqiswayo. Lokhu kusiza ukukhuluma namadlozi nokuhlanza indawo.
Isexwayiso: Gcina imithi kude nezingane. Bonana nenyanga noma isangoma ngaphambi kokusebenzisa umuthi ongawazi.
Video efundisa ngemithi yonke