Ububi nobuhle bokuhlalisana nabantu bokufika eningizimu africa kule essay sizobheka ububi nobuhle bokuhlalisa abantu bokufika kulelizwe. Abantu bokufika abayona inkinga uma benama skills, inkinga lapha esouth africa kufika wonke umuntu ngendlela nathi esingayiqondi, kufika abantu abangasebenzi, kanti amazwe amaningi afana no canada athatha abantu bokufika abanama skills abafana nodokotela, nurse, engineers, ukuthatha abantu abangenama abangenamakhona kwenza ukuthi kufike abantu bokufika qede bengayitholi imisebenzi bese bedayisa ama drugs, inkinga ke lapha esouth africa abanye abanayo ngisho nemvume yokuba kulelizwe uma benza ubugebengu angeke wabathola.
Abantu bokufika nokuthatha imisebenzi, abantu bokufika bayayithatha imisebenzi, uma ubheka emathekwini kuma parking sekugcwele abantu bokufika, izinkampani zama truck seziqasha abokufika, uma ziqasha abokufika kushuthi abantu basemzansi bazophelelwa imisebenzi. Abantu bokufika yibo abenza imisebenza efana nokwakha emakhaya, abantu akade bakha emakhaya sebelambile. Izipaza okungama tuckshops konke sekuthathwe ngabantu bokufika
Abantu bokufika bayafika nobugebengu bazenze izinyanga mbumbulu, futhi bayazenza abafundisi baqole abantu, isibonelo kunomfundisi owabaleka esouth africa obizwa ngo bushiri ofunelwa amacala amaningi okuqola abantu. Uma ubheka emazweni angaphandle afana no france and switzerland lawomazwe abenokuthula engenama drugs amaningi solokhu kwafika abantu bokufika izwe liyawa nomnotho uyawa. Inkinga isekuthatheni abantu abangenawo amakhona, uthi abadleni? Uthi abaphile ngani?
Inkinga enkulu ukuthi lapha emzansi kunabantu bokufika abaningi kodwa thina angeke savumeleka ukuyogcwala kulawomazwe, ngabe sizuzani ngokuvula imingcele sifake abokufika bona bengasifuni emazweni abo? Abantu bokufika bafika bathathe izindawo, kunezindawo egoli esekuhlala abokufika kuphela, kunezindawo ezingama flat ethekwini esekuhlala abokufika kuphela.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |